Ngiyangabaza Kodwa Ngisacwaninga
ENCWADINI eyayibhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSlovenia, indoda yimbe eyathi yabhapathizwa njengomRoma Katolika yenza isicelo: “Ngicela ningithumelele ikhophi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngingathanda nokwazi ukuthi ngingawuthola kanjani umagazini i-Phaphama! njalo emzini wami.”
Le ndoda yachaza: “Ngicela ningangizwa kabi. Ngiyayingabaza inkolo, kodwa ngamangala lapho ngifunda i-Phaphama! ngithola ukuthi ayiphoqeleli izimfundiso zayo kodwa ichaza izinto ngendlela eqondile nefundisayo.” Yabe isibhekisela kumagazini wenkolo odumile ithi uphoqelela abantu ukuba bakholelwe yilokho okushoyo.
Le ndoda yachaza ukuthi kungani yayingazange isigcwalise isigqebhezana esingemuva kuyi-Phaphama! ukuze icele incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? kodwa kunalokho yakhetha ukubhala incwadi. Yathi: “Bengingafuni ukona umagazini i-Phaphama! Bengifuna usale uphelele!”
Incwajana enamakhasi angu-32 ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? inezifundo ezingu-16. Zichaza izimfundiso eziyinhloko zeBhayibheli futhi zinikeza ukwaziswa okuvela eBhayibhelini okubonisa ukuthi yini okufanele siyenze ukuze samukelwe uNkulunkulu. Uma nawe ungathanda ukuthola ikhophi yale ncwajana, gcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Isithombe ekhasini 32]
Amakhophi ayizigidi ezingu-113 ngezilimi ezingu-240