“Angikwazi Ukubabeka Phansi Omagazini Benu”
Incwadi esanda kutholwa yihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eJalimane ngokwengxenye ifundeka kanje:
“Kumelwe ngivume ukuthi angikwazi ukubabeka phansi omagazini benu. Kwenzeka into efanayo minyaka yonke. Ngaphambi kokuba ngithathe iholidi, ngizigcinela omagazini ababili bamuva ukuze ngibafunde ebhishi. Isinqumo esingaguquki!
“Kodwa lapho nje ngibathatha, kuphakama inkinga. Ake ngithi ukuthi shazí nje ekhasini lokuphakathi. Kunendaba yokuphila yothile! Bese ngithi ake ngifunde yona yodwa nje. Kodwa isihloko esilandelayo naso sithakazelisa kakhulu. Kahleni bo! Phela labo magazini bengibathathele ukubafunda lapho ngiphumule. Kodwa awuthi kengifunde esinye esisodwa. Angiyiphathi eyezihloko zengosi ethi “Ukubuka Okwezwe,” ziyafundisa kakhulu! Ekugcineni, njengoba ningase nicabange, lapho ngifika ebhishi, ngisuke sengiwushaye ngawuvala umagazini.”
Indlela i-Phaphama! ethandwa ngayo ibonakala eqinisweni lokuthi kunyatheliswa amakhophi angu-20 300 000 kamagazini ngamunye ngezilimi ezingu-82. Abafundi bayawujabulela umbono wayo onikeza ithemba. Ingxenye ethi “Isizathu Sokukhishwa Kwe-Phaphama!,” enyatheliswa kumagazini ngamunye, ichaza ukuthi “lo magazini wakha ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nelilondekile.”
Nokho, abaningi bayabuza, ‘Kungani uNkulunkulu eye wavumela ukuhlupheka isikhathi eside kangaka?’ Lowo mbuzo uphendulwa encwajaneni ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Ungazitholela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.