Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/8 k. 32
  • ‘Ihamba Phambili Kwezikhuluma Ngale Ndaba’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ihamba Phambili Kwezikhuluma Ngale Ndaba’
  • I-Phaphama!—2000
I-Phaphama!—2000
g00 9/8 k. 32

‘Ihamba Phambili Kwezikhuluma Ngale Ndaba’

LOWO kwakuwumbono kathisha ongumLuthela waseSan Diego, eCalifornia, e-U.S.A., ngemva kokunikezwa incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Wabhala la mazwi okubonga.

“Ngiyasazisa kakhulu isikhathi eniye nasichitha nomzamo eniye nawenza ukuze ninginike umbono woFakazi ngaleli zwe elihlanyayo esiphila kulo. Ngiye ngayifunda ngiphindelela indaba yokufuna kwesintu uNkulunkulu. Ihamba phambili kwengake ngazifunda ezikhuluma ngale ndaba. Kungenzeka ukuthi angizange ngizifunde izincwadi zethu zaseLuthela njengoba bekufanele, kodwa kubonakala sengathi izincwadi zoFakazi eninginike zona ngomusa zizedlula zonke ezethu engake ngazibona. Ngiyanibonga ngokuqhubeka nikhathalela inhlalakahle yami engokomoya.”

Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu inezahluko ezikhuluma ngezinganekwane, imilingo nemimoya, ubuHindu, ubuBuddha, ubuTao nobuConfucius, ubuShinto, ubuJuda, ubuKristu nobuSulumane. Inikeza nesiqondiso sokukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo. Ungacela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-384 ngokugcwalisa lesi sigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela