Ukuthola Obekulahlekile
Ngonyaka odlule, eMaryland, e-U.S.A., indoda ethile yenqaba ngomoya ophansi ukwamukela umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Nokho, indodakazi yayo encane yacela ukuwuthatha, futhi uyise wavuma. Bobabili babehlanza imoto futhi befaka udoti emgqonyeni owawuseduze. Ekhathazwa ukuthi labo magazini bangase balahlwe, uFakazi owayebashiyile wanquma ukuphinde abuyele emuva ayocinga emgqonyeni.
Akabatholanga omagazini, kodwa wathola isikhwama esincane kanye nesemali. Ngokushesha wavakashela owesifazane okwakubhalwe igama lakhe esikhwameni semali. Lapho oFakazi ababili befika emzini wakhe, babona owesifazane osekhulile edonsa ihhashi eliyisa esitebeleni. Lapho bemnika lezi zinto, wababaza: “Ngibonga uNkulunkulu ngoba zisekhona zonke izinto ezibalulekile—incwadi yami yokungena kwamanye amazwe, incwadi yamasheke, amakhadi esikweletu nezitifiketi zehhashi.” Wathi lezi zinto zazintshontshwe ebusuku ngayizolo. Kwaba inhlanhla ukuba umgqomo upetululwe, njengoba wawusuzochithwa.
Lona wesifazane wabanika umklomelo, kodwa kunokuba lo mbhangqwana owawulethe lezi zikhwama uwamukele, wamnika incwajana ethi Yini uNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ebonisa ukwazisa, lona wesifazane wabhala isheke elalizosetshenziselwa ukuqhubekisela phambili ukusakazwa kwezincwadi ezifanayo ezisekelwe eBhayibhelini emhlabeni wonke. Futhi kusukela ngaleso sikhathi, uye wabonisa isithakazelo esikhulu ekutadisheni iBhayibheli.
Uma ungathanda ukuthola ikhophi yamahhala yencwajana enamakhasi angu-32 ethi Yini uNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, gcwalisa bese uthumela lesi sigqebhezana esingezansi ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
◻ Ngithumeleleni ikhophi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bonisa ulimi
◻ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.