Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 5/22 k. 3
  • Lapho Ukugula Okungalapheki Kugadla Emkhayeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ukugula Okungalapheki Kugadla Emkhayeni
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Imikhaya Ebhekana Ngayo Nokugula Okungalapheki
    I-Phaphama!—2000
  • Ukugula Okungalapheki—Indaba Yomkhaya
    I-Phaphama!—2000
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Ukuphila Nesifo Esingamahlalakhona—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 5/22 k. 3

Lapho Ukugula Okungalapheki Kugadla Emkhayeni

INJABULO yomkhaya wakwaDu Toit iyathelelwana. Kuyajabulisa ukubona uthando lwabo olufudumele ngomunye nomunye. Uma uhlangana nabo, ngeke usho ukuthi bake babhekana nobunzima obungaka.

Okokuqala nje, lapho indodakazi yabo yokuqala, uMichelle, ineminyaka emibili ubudala, uBraam no-Ann bathola ukuthi yayinesifo esiwufuzo esingalapheki esasibangela ukuba buthakathaka kwezicubu okuthena amandla.

U-Ann, unina, uyachaza: “Uzithola sekufanele ufunde indlela yokubhekana nesifo esingalapheki esithena amandla. Uvele ubone ukuthi ukuphila komkhaya ngeke kuphinde kube njengasekuqaleni.”

Kodwa ngemva kokuzalwa kwenye indodakazi nendodana, lo mkhaya wehlelwa enye inhlekelele. Ngolunye usuku lapho izingane zontathu zazidlala ngaphandle, amantombazane womabili eza egijima endlini. “Mama! Mama!” ekhala. “Gijima. Kukhona okwenzeke kuNeil!”

Egijima, u-Ann wabona ikhanda likaNeil oneminyaka emithathu ligebelé nganxanye. Wayengasakwazi ukulimisa liqonde.

U-Ann uyakhumbula: “Ngathuka kwaphela nasozwaneni, futhi konke lokhu kwenzeka ngokuphazima kweso. Inhliziyo yami yashaya ngamandla uma ngibona ukuthi lo mfana omncane ophila kahle kuzodingeka abhekane nenselele yokuphila nezicubu ezibuthakathaka ngokuthena amandla njengodadewabo omdala.”

Uyise, uBraam, uthi: “Injabulo yokuqala singumkhaya onempilo, ngokushesha yasitshekelwa ezinye zezinselele ezinzima kakhulu esake sabhekana nazo.”

Ekugcineni uMichelle, naphezu kokuthola ukwelashwa kwasesibhedlela okungcono kakhulu, washona ngenxa yobunzima obabangelwa ukugula kwakhe. Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-14 kuphela ubudala. UNeil usaqhubeka elwa nemiphumela yokugula kwakhe.

Lokhu kuphakamisa umbuzo, Imikhaya enjengalo wakwaDu Toit ibhekana kanjani nezinselele zokuba nelungu lomkhaya elinesifo esingalapheki? Ukuze siphendule lowo mbuzo, ake sihlaziye ezinye zezindlela ukugula okungalapheki okuthinta ngazo imikhaya.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela