Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 5/8 kk. 12-13
  • “Uzokufa!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uzokufa!”
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • OFakazi BakaJehova Nezisebenzi Zezokwelapha Bayabambisana
    I-Phaphama!—1993
  • Ukuvala Igebe Phakathi Kodokotela Neziguli EzingoFakazi
    I-Phaphama!—1990
  • Ukubhekana Nesimo Esiphuthumayo Sezokwelapha
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 5/8 kk. 12-13

“Uzokufa!”

NJENGOBA ILANDISWA ULEANNE KARLINSKY

Ukufuna kwami ukwelashwa okungcono ngaphandle kwegazi eSpain

UMA ubungathatha uhambo lokuya nomaphi emhlabeni, ubungakhetha ukuya kuphi? Kimi impendulo yayilula. Ngifundisa iSpanishi esikoleni, futhi mina nomyeni wami, uJay, nendodana yami uJoel, sisebandleni loFakazi BakaJehova elikhuluma iSpanishi, eGalax, eVirginia, e-U.S.A. Ngakho, ngangifisa ukuya eSpain. Ngakho ungase ucabange ukuthi ngajabula kanjani lapho abazali bami bethi bazohamba nami ukuya lapho! Nakuba umyeni wami nendodana bengahambanga nami, iphupho lami lase lizofezeka njengoba mina nabazali bami sigibela indiza eyayiqonde ngqó eMadrid. Lapho sifika ngo-April 21, sanquma ukuhamba ngemoto siye e-Estella, idolobha elincane laseNavarre, enyakatho yeSpain. Ngahlala ngokunethezeka esihlalweni esingemuva futhi ngozela ngalala.

Engikukhumbulayo ukuthi ngazithola ngilele esigangeni, ngixhoshwa yilanga. ‘Ngikuphi? Ngifike kanjani lapha? Ingabe ngiyaphupha?’ Njengoba le micabango ifika engqondweni yami, iqiniso elesabekayo laba sobala kimi. Kukhona okwakonakele, futhi leli kwakungelona iphupho. Umkhono wangakwesokunxele wento engangiyigqokile wawudabuke waba izicucu, futhi ngangingakwazi ukunyakazisa izingalo noma imilenze. Kamuva, ngathola ukuthi imoto yethu yayishayise uthango oluseceleni komgwaqo futhi ngajikijeleka ngaphandle kwemoto njengoba yayigingqika onqenqemeni olungamamitha angu-20. Ngenhlanhla, mina nabazali bami asikhumbuli ukuthi kwenzekani kule ngozi.

Ngamemeza ngicela usizo, futhi umshayeli weloli wagijima weza kimi. Khona-ke wehlela ezansi emotweni, lapho abazali bami babevaleleke khona. Wamemeza ebhekise kumngane wakhe: “Tshela i-ambulensi ukuba isheshe! Abantu abasemotweni balimele kabi!” Khona-ke wabuyela lapho ngangilele khona ngingakwazi ukunyakaza, futhi ngezinhloso ezinhle, wazama ukuqondisa umlenze wami. Ngakhala kakhulu ngizwa ubuhlungu, ngaqala lapho ukuqaphela ukuthi ngangilimele kangakanani.

Ngokushesha ngase ngisegumbini labadinga ukunakekelwa okuphuthumayo esibhedlela sendawo eLogroño. Ngomusa, amaphoyisa azisa oFakazi BakaJehova bendawo ukuthi ngangikuphi nokuthi kwakwenzekeni. Ngokushesha, iningi elalisuka emabandleni e-Estella naseLogroño lafika lizongibona, kanye neKomiti Yokubonisana Nezibhedlela. Ngokuqinisekile, phakathi nalo lonke uvivinyo lwami kulesi sibhedlela, amaKristu athandekayo esikanye nawo engangingakaze ngiwabone ngaphambili ayekulungele futhi ezimisele ukunginakekela, ubusuku nemini. Futhi abanakekela ngothando abazali bami abalulama ngokwanele ukuba badedelwe esibhedlela esikhathini esingaba yisonto ngemva kwengozi.

Cishe ngo-1:00 ekuseni ngoLwesithathu, odokotela beza bezongihlinza inqulu eyayephukile. Ngatshela udokotela ukuthi ngangingafuni ukumpontshelwa igazi.a Ngokungabaza wavuma ukuhlonipha isicelo sami, nakuba angitshela ukuthi ngokunokwenzeka ngangizokufa. Ngasinda kulokho kuhlinzwa, kodwa ngakuthola kuxaka ukuthi amanxeba ami ayengahlanzwanga, futhi amabhandishi awazange ashintshwe kamuva.

NgoLwesihlanu umthamo wami wegazi wehla wafika ku-4,7, futhi ngangiphelelwa amandla. Udokotela wavuma ukusebenzisa enye indlela yokwelapha—imijovo ye-erythropoietin (EPO), ethi uma ihlanganiswe nokusansimbi nezithasiselo ezakha igazi, ishukumise ukukhiqizwa kwamangqamuzana egazi abomvu.b Ngaleso sikhathi, uJay noJoel base befikile. Yeka indlela okwakukuhle ngayo ukubona umyeni wami nendodana yami!

Cishe ngo-1:30 ekuseni, udokotela watshela uJay ukuthi isibhedlela sasesithole imvume yenkantolo yokuba singifake igazi uma isimo sami siba sibi. UJay wamtshela ukuthi kwakuyisifiso sami ukuba ngingalamukeli igazi ngaphansi kwanoma iziphi izimo. “Khona-ke uzokufa!” kuphendula udokotela.

UJay wakhuluma neKomiti Yokubonisana Nezibhedlela ukuba ngiyiswe kwesinye isibhedlela—esasizohlonipha izifiso zami. Akukhona ukuthi wonke umuntu kulesi sibhedlela wayephikisa. Ngokwesibonelo, omunye udokotela wangiqinisekisa ukuthi wayezokwenza okusemandleni akhe ukuze aqikelele ukuthi ngiphathwa ngenhlonipho engifanele. Kodwa ngokushesha abanye odokotela baqala ukungicindezela. Babuza: “Ufuna ukufa ushiye umkhaya wakho?” Ngabaqinisekisa ukuthi ngangifuna ukwelashwa okungcono okungalisebenzisi igazi. Odokotela babengazimisele ukungisiza. Omunye wakusho ngokucacile, ethi: “Uzokufa!”

IKomiti Yokubonisana Nezibhedlela yathola isibhedlela eBarcelona esavuma ukungelapha ngaphandle kwegazi. Yeka umehluko owawukhona phakathi kwalezi zibhedlela ezimbili! EBarcelona abahlengikazi ababili bangigeza ngesineke futhi banginakekela. Lapho beshintsha amabhandishi, omunye umhlengikazi wabona ukuthi ayesevundile futhi enoqweqwe olomile lwegazi. Wathi wayenamahloni ngokuthi izakhamuzi zezwe lakubo zazingiphathe ngale ndlela.

Ngokushesha ngathola ukwelashwa okwakufanele ngabe kwaqalwa esibhedlela saseLogroño. Imiphumela yayiphawuleka. Ezinsukwini ezimbalwa izitho zami ezibalulekile zazingasekho engozini, futhi umthamo wami we-hemoglobin wawusunyukile waba ngu-7,3. Ngesikhathi ngikhishwa esibhedlela, wawusunyuke wafika ku-10,7. Lapho ngidinga ukuhlinzwa okwengeziwe esibhedlela e-United States, wawusunyuke wafika ku-11,9.

Ngiyibonga kakhulu imizamo yodokotela nabahlengikazi abazimisele ukuhlonipha izifiso zeziguli zabo, kungakhathaliseki ukuthi bayavumelana yini nazo noma cha. Uma izisebenzi zasesibhedlela zihlonipha izinkolelo zesiguli, zelapha umuntu ngokuphelele—futhi ngaleyo ndlela zinikeza ukwelapha okungcono kakhulu.

[Imibhalo yaphansi]

a Ngenxa yezizathu ezisekelwe eBhayibhelini, oFakazi BakaJehova abalifaki igazi.—Bheka uGenesise 9:4; Levitikusi 7: 26, 27; 17:10-14; Duteronomi 12:23-25; 15:23; IzEnzo 15:20, 28, 29; 21:25.

b Ukuthi umKristu uyoyamukela yini i-EPO noma cha kuyisinqumo somuntu siqu.—Bheka INqabayokulinda ka-October 1, 1994, ekhasini 31.

[Isithombe ekhasini 12]

Nginomyeni wami nendodana

[Isithombe ekhasini 13]

Amalungu amabili eKomiti Yokubonisana Nezibhedlela

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela