Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 4/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Imidlalo Ekwenza Umlingiswa Othile Iyingozi?
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-computer?
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 4/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Imidlalo Ekwenza Umlingiswa Ngisanda kuthola i-computer yami muva nje. Bengihlose ukudlala imidlalo embalwa nje kodwa ngagcina sengichithe cishe amahora angu-16 ngidlala! Lapho ngiqaphela okwakwenzekile, ngayisula ngokushesha yonke imidlalo ekuyi-computer yami. Nokho, kamuva ngaba nomuzwa wokuthi mhlawumbe kwakuwukweqisa. Kodwa ngalo lelo sonto, kwafika umagazini wenu onesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Imidlalo Ekwenza Umlingiswa Othile Iyingozi?” (August 22, 1999) Ngabona ukuthi leyo midlalo yayingilimaza. Ngibonga uJehova ngokungivula amehlo ngibone le ngozi.

L. H., Brazil

Kunomdlalo wamakhadi oshisa izikhotha eJapane. Iningi lala makhadi linamagama obuSathane, ngokwesibonelo, “Ikhethini LikaDeveli Omnyama.” Ngahileleka ngokujulile kulo mdlalo kangangoba ingokomoya lami lacishe lalimala. Ekugcineni umama wawathola amakhadi ami futhi wawalahla. Ngangisawathanda la makhadi. Kodwa ngemva kokufunda lesi sihloko, lowo muzwa waphela. Lesi sihloko sangisiza kakhulu.

K. N., Japan

Ukwelapha Ngaphandle Kwegazi Ngineminyaka engu-11 ubudala, futhi isihloko esithi “Ingabe Kuyadingeka Ngempela Ukumpontshelwa Igazi?” sasikhethekile kimina. (August 22, 1999) Udadewethu wahlinzwa inhliziyo kabili. Abazali bami bacela ukuba ukuhlinzwa kwenziwe ngaphandle kokusebenzisa igazi. Ngangicabanga ukuthi uzoshona, kodwa sekuphele iminyaka emithathu, futhi uphila saka!

C. S., United States

Ihhashi Okungelona! Ngasijabulela ngempela isihloko esithi “I-October Fair—‘Umbukiso Wamahhashi Wezizwe Omdala Kakhulu EYurophu.’” (March 22, 1999) Kodwa ngamangala ukubona ukuthi isithombe sehhashi i-skewbald sasibhalwe ukuthi “ihhashi i-piebald.”

S. P., South Africa

Umfundi wethu unolwazi oluhle ngamahhashi! Ngokwe-British Skewbald and Piebald Association, ihhashi i-“piebald” linamabala amnyama namhlophe kuphela—ngokungafani nehhashi i-“skewbald” eliboniswe emfanekisweni wethu. Siyaxolisa ngaleli phutha.—ED.

Izakhi Zofuzo Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi nginesithakazelo esikhulu kuyisayensi yamangqamuzana ezinto eziphilayo. Uchungechunge oluthi “Ukwambula Imfihlakalo Yezakhi Zakho Zofuzo” (September 8, 1999) lwakwazi ukulinganisela phakathi kwencazelo elula neyinkimbinkimbi. Ngafunda incwadi echaza imfihlakalo ye-DNA ngokujulile. Ngamangala ukubona ukuthi isihloko senu sakuhlanganisa konke lokho kwaziswa kodwa ngendlela eqondakalayo nelula.

S. R., France

Ngenxa yalezi zihloko, ngaphuma ngamalengiso ekuhlolweni ngezifundo zesayensi yezinto eziphilayo. Indlela enawachaza ngayo ama-nucleic acid nendlela ahlobene ngayo nezakhi zofuzo yayilula kakhulu futhi iphelele!

D.A.N., Brazil

Ngifundisa esikoleni sabaqalayo, futhi bengilokhu ngizibuza ukuthi ngingabasiza kanjani abafundi bami ukuba baqonde indlela yokwakheka komzimba womuntu. Ngakuthola kulula kakhulu ukuba abafundi bami bakuqonde ukwaziswa okukulezi zihloko, nakuba kwakuqukethe amagama ambalwa alukhuni esayensi. I-Phaphama! yawenza aqondakala kalula kakhulu.

K. M., Lesotho

Ukwesaba Ukuhamba Ngendiza Ngiyabonga! NgoMsombuluko ngizobe ngiqala ngqá ukugibela ibhanoyi, futhi nginovalo kabi. Ngicabanga ukuthi isizathu esiyinhloko ukuthi angiqondi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba umshini omkhulu kangaka ubonakale wehlula amandla adonsela phansi. Ngakho ngajabula ukubona isihloko esithi “Yini Edingekayo Ukuze Ziqhubeke Zindiza?” (September 8, 1999) Ukwazi ukuthi izinkampani zamabhanoyi ziyaqikelela ukuthi izindiza zazo ziphephile—zize zizithwebule ngisho nama-X ray—kungisize ukuba ngingabi nexhala ngokuhamba ngendiza. Ngakho naphezu kokwesaba, ngizohlale ngisiphethe lesi sihloko futhi ngizongena kuleyo ndiza!

T. T., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela