“Izincwadi Eziningi Zaseyunivesithi Azinembile Kanje”
Leyo kwakuyingxenye yalokho okwashiwo yindoda ethile lapho iphawula ngencwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? Omunye woFakazi BakaJehova eSydney, e-Australia, wayihambisela le ncwadi. Ngabo lobo busuku lo Fakazi wathola lo myalezo olandelayo emshinini wakhe wokuphendula izingcingo:
“Ngikhulumé nawe namuhla ekuseni. Sengiphakathi naphakathi nokufunda incwadi ongishiyele yona namuhla ekuseni ethi—“Is There a Creator Who Cares About You?” Ngishaya ucingo ngoba ngimangazwé ukubona ukuthi le ncwadi inokwaziswa kwamuva nokunembé kangakanani mayelana nokuthi umkhathi wabakhona kanjani. Ihlanganisa ukwaziswa okufanayo nencwadi engikubonise yona . . .
“Incwadi yenu inembile futhi inokwaziswa kwamuva! Izincwadi eziningi zaseyunivesithi azinembile kanje. Iphawula izinhlobo ezine zamandla ayisisekelo sezinto—amandla adonsela phansi, amandla kazibuthe kagesi, amandla enuzi aqinile namandla enuzi abuthakathaka. Lokhu ukwaziswa okusanda kutholwa ngempela futhi kunembile. Ngizoxoxa nawe ngesonto elizayo. Usale kahle.”
Nawe ungazitholela ikhophi yale ncwadi enoqwembe oluthambile enamakhasi angu-192 ngokugcwalisa bese uthumela lesi sigqebhezana ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngithumeleleni ikhophi yencwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? (Ayitholakali ngezilimi zaboMdabu.)
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
J. Hester and P. Scowen (AZ State Univ.), NASA