Ukunika Abantu Ithemba Langempela
OSEMUSHA oneminyaka engu-17 ubudala wase-republic yezwe elaliyiSoviet eMoldova wabhalela ihhovisi loFakazi BakaJehova kulelo zwe ezwakalisa ukwazisa ngomagazini i-Phaphama! ka-September 8, 1998, owawunezihloko eziwuchungechunge ezithi “Liyini Ithemba Ngentsha Yanamuhla?” Owabhala le ncwadi wachaza:
“Kube nzima ukubamba izinyembezi, futhi bekumelwe nginibhalele nginibonge. Lezi zihloko zingikhumbuza indlela engangizizwa ngayo esikhathini esingeside esidlule. Lapho sengisengcupheni yokuzibulala, ngasindiswa oFakazi BakaJehova, nakuba bengakuqaphelanga lokho. Ukukhuluma nabo ngethemba lekusasa nokuqinisa ukuthembela kwami emseni woMdali kwangisiza ukuba kancane kancane ngiqede umuzwa wokuphelelwa ithemba. . . .
“Ngokusiza abantu ukuba bafunde ngenjongo kaNkulunkulu yokuletha izimo ezingcono zokuphila nilubonakalisa ngokoqobo uthando lwenu ngomakhelwane. Kuyakhanya ukuthi le mizamo iveza imiphumela. Iyancomeka imizamo yenu yokuqokomisa izinkinga ezikhathaza umphakathi. Qhubekani nenza lo msebenzi omuhle. Ngizohlale ngiyilinde ngamehlo abomvu ikhophi entsha yalo magazini.”
Esigabeni esithi “Isizathu Sokukhishwa Kwe-Phaphama!” esisekhasini 4 likamagazini ngamunye, ithi: “Lo magazini wakha ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nelilondekile eselizothatha isikhundla salesi simiso sezinto esibi samanje, esingenamthetho.” Isithembiso sikaNkulunkulu esisekelwe eBhayibhelini siye sanika izigidi zabantu emhlabeni wonke jikelele amandla okubhekana nezinkinga zalezi zikhathi ezinzima.
Uyothola ithemba langempela elithenjiswa uMdali wethu lichazwe ngokucacile encwajaneni enamakhasi angu-32 ethi Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani? Bheka ikakhulu izihloko ezithi “Injongo KaNkulunkulu Izofezeka Ngokushesha” nesithi “Phila Kuze Kube Phakade Emhlabeni OyiPharadesi.” Ungazicelela le ncwajana ngokugcwalisa bese uthumela lesi sigqebhezana ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5 lalo magazini.
◻ Ngithumeleleni ikhophi yencwajana ethi Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
Bonisa ulimi
◻ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.