‘Yangisiza Ukuba Ngihlole Ukuphila Kwami’
YILOKHO intombazane eneminyaka engu-18 okuthiwa uMaria yasedolobheni laseCherepovets eyakusho ngencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Yabhala incwadi elandelayo eyayiya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseduze kwaseSt. Petersburg, eRussia, eliqhele ngamakhilomitha angu-400 ukusuka eCherepovets.
“Le ncwadi iye yangisiza ukuba ngizihlole, ngihlole imigomo yami, nabantu engisondelene nabo. Ngithole izimpendulo zemibuzo engithakazelisa kakhulu. Lapho ngifunda le ncwadi, kwagobhoza izinyembezi zokubonga.”
UMaria wanezela: “Kwakunjengokungathi kususwe ulwembu emehlweni ami, abona ngokucace bhá ngenxa yenjabulo. Le ncwadi izedlula zonke esengake ngazifunda ekuphileni kwami. Ayikho efana nayo, ngoba isekelwé eBhayibhelini futhi iseluleko sikaJehova uNkulunkulu sidl’ ubhedu.”
Uma nawe ungathanda ukuzuza ekwazisweni okusencwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, ungazitholela ikhophi ngokugcwalisa futhi uthumele lesi sigqebhezana ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngithumeleleni incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.