Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 12/22 k. 32
  • ‘Zaziqabula Ngempela!’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Zaziqabula Ngempela!’
  • I-Phaphama!—1999
I-Phaphama!—1999
g99 12/22 k. 32

‘Zaziqabula Ngempela!’

MUVA nje, umphathi wehhotela eliseduze kwesinye isikhumulo esikhulu sezindiza eJapane ubevakashele ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Ebina. Wakujabulela kakhulu! Ngani?

Ngo-1998, oFakazi abangaphezu kuka-200 bahlala ehhotela lalo mphathi lapho beya nalapho bebuya emihlanganweni yezizwe e-Afrika, e-Australia, eKorea naseNyakatho Melika. Lapho izisebenzi zasehhotela ziba nomhlangano wokubukeza imisebenzi yonyaka odlule, zaphawula ukuthi phakathi kwezivakashi ezingu-30 000 ezifika kuleli hhotela minyaka yonke, lezi zihambeli zomhlangano zazidl’ ubhedu phakathi kwezivakashi ezake zazinakekela.

Ngakho-ke, umphathi wehhotela waya e-Ebina eyobonga. Wathi: ‘Lezo zivakashi zazinesizotha futhi zashiya amakamelo azo ehlanzekile futhi ecocekile. Zazibonga njalo. Ngaphezu kwalokho, zasishiya namazwi esikhuthazo avela eBhayibhelini. Zaziqabula ngempela!’

Lo mphathi waqhubeka: ‘Siba nezivakashi eziningi ezicindezelekile. Ngakho besilokhu sifuna ukwaziswa okuwusizo esingazinikeza kona. Singathanda ukuba zizuze emfundisweni yeBhayibheli ngoba inethonya elihle ekuphileni kwabantu.’

Ngenxa yalokho, lo mphathi wacela amakhophi angu-80 ezincwadi ezihlukahlukene zoFakazi BakaJehova ukuze azibeke emakamelweni ezivakashi ehhotela. Phakathi kwezincwadi azicela kwakunencwadi enamakhasi angu-192 ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Uma ungathanda ukuthola ikhophi, siza ugcwalise lesi sigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngithumeleleni ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ngingayithola kanjani incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela