Ophika Ukuthi UNkulunkulu Ukhona Uthola Izimpendulo
“IZIHLOKO ezinyatheliswa komagazini benu INqabayokulinda ne-Phaphama! ziyamangalisa! Omagazini benu bamuva banewozawoza! Baphendula imibuzo eminingi futhi banikeza ukuthula kwengqondo.”
Wabhala kanjalo umfundi waseningizimu yelaseNdiya. Wazalwa engumHindu, kodwa uyise wamkhulisa ngemfundiso yokuthi uNkulunkulu akekho. Uthi: “Ngangingenanjongo ekuphileni. Inkolelo-mbono kaDarwin yokuziphendukela kwemvelo yayizwakala ingenangqondo. Sekuyiminyaka ngihlushwa yimibuzo enjengokuthi, Ungubani uNkulunkulu? Kungani leli zwe lonakele? Siyaphi uma sesifile? Ingabe imimoya emibi ikhona ngempela?
Ngemva kokuba imibuzo yakhe isiphendulwe yi-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, lo mfundi wenza isikhokhelo sabo bobabili labo magazini, wenzela nodadewabo izikhokhelo eziyisipho, futhi manje unikeza abantu ahlangana nabo labo magazini. Njengoba ethatha izithombe futhi engumdwebi, wathi uyawazisa kakhulu umsebenzi wobuciko “ozikhulumelayo” walabo magazini. Ngokufunda labo magazini abahle, ungahlanganyela nezigidi zabantu emhlabeni wonke abaye baphendulelwa imibuzo yabo futhi bathola ukuthula kwengqondo.
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngoNkulunkulu nangenjongo yakhe ngathi, siyojabula ukukuthumelela ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ungayithola kanjani incwajana esakazwa kabanzi ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Mane ugcwalise isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngithumeleleni ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ngingayithola kanjani incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 32]
COVER, pages 2-9 and 32: Einstein: U.S. National Archives photo; Model-T Ford: From the Collections of Henry Ford Museum & Greenfield Village; Great Depression: Dorothea Lange, FSA Collection, Library of Congress; Nicholas II and family: From the book Liberty’s Victorious Conflict; League of Nations building: U.S. National Archives photo; Churchill: The Trustees of the Imperial War Museum (MH 26392); Battleship: U.S. Navy photo; Atomic bombs: USAF photo; Gandhi: Culver Pictures; Man on the moon: NASA photo; Pollution: Godo-Foto; Mao Tse-tung: Culver Pictures; African children: FAO photo/F. Botts; Statue of Lenin: Juraatis/Sipa Press; Space shuttle: NASA photo; Archduke Ferdinand: From the book The War of the Nations; Lenin: Musée d’Histoire Contemporaine-BDIC