“Ngineminyaka Eyisikhombisa Ubudala”
Sanibona. Igama lami ngingu-Amelia, ngihlala esiqhingini saseCaribbean. Ngineminyaka eyisikhombisa ubudala. Esikhathini esithile esidlule abazali bami abampofu banginikela emkhayeni ocebile ohlala edolobheni.
Namuhla, njengenhlalayenza, ngivuke ekuseni ngehora lesihlanu ezimpondweni. Ngiye ngayokukha amanzi emthonjeni. Bekunzima kakhulu ukuthwala isigubhu esisindayo ekhanda, kodwa ngikwazile ukusithwala—ngalé kwalokho, bengizobhaxabulwa kabuhlungu. Ngibe sengipheka ukudla kwasekuseni ngaphakela umkhaya. Ngephuzile ukukuphaka, ngakho umphathi wami ungishaye ngebhande lesikhumba.
Ngemva kwalokho, ngiye ngahambisa indodana yalapha ekhaya eneminyaka emihlanu ubudala esikoleni. Ngemva kwalokho, ngisizé ekuphekeni nasekuphakeni ukudla kwasemini komkhaya. Isikhathi ngasinye lapho sebeqedile ukudla, ngiyaye ngiye emakethe ngiyothenga ukudla futhi ngenze neminye imisebenzi, ngifuna amalahle okubasa, ngishanele igceke, ngihlanze izingubo nezitsha bese ngihlanza nekhishi. Ngigeza nezinyawo zenkosikazi yalapha ekhaya. Namuhla ibithukutheliswe okuthile, yangishaya ngempama. Ngithemba ukuthi izobe isizizwa ingcono kusasa.
Nginikwe ukudla obekusele—okungenani bekungcono kunommbila engiwudle izolo. Izingubo zami zigugile, kanti anginazo nezicathulo. Abaphathi bami abakaze nanini bangivumele ukuba ngigeze ngamanzi engiwakhela umkhaya. Izolo ngilale ngaphandle; ngezinye izikhathi bayangivumela ukuba ngilale endlini phansi. Ngeshwa angizibhalelanga le ncwadi mathupha. Angivunyelwe ukuya esikoleni.
Nibe nosuku oluhle. U-Amelia.
NAKUBA igama lakhe langempela kungeyena u-Amelia, usizi abhekene nalo lungokoqobo.a U-Amelia ungenye yezingane eziyizigidi eziphoqelekile ukuba zisebenze—ngokuvamile ngaphansi kwezimo ezimbi kakhulu. Ukugqilazwa kwezingane kuyinkinga enkulu esikhathini sethu. Kuyindaba enzima engenakhambi elilula. Njengoba inkulu kangaka, iqeda umphakathi futhi inemiphumela eyonakalisayo, iphatha izingane ngonya futhi iletha isihlamba esintwini.
Inkulu kangakanani le nkinga yokugqilazwa kwezingane? Uyini umsuka wale nkinga, futhi ibonakala kanjani? Ingabe siyoke sifike isikhathi lapho izingane—eziyingxenye yomkhaya wesintu ezimnene nezingavikelekile—zingeke zisaphila ngosizi nokuxhashazwa?
[Umbhalo waphansi]
a Indaba yakhe yabikwa kuyi-State of the World’s Children 1997.