Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 3/8 k. 25
  • Incwadi Ekhethekile Eya Kubazali Babo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Ekhethekile Eya Kubazali Babo
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kunemithetho Eminingi Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Ukuba Bangethembe?
    Intsha Iyabuza
  • Intsha Iyabuza. . .
    I-Phaphama!—2006
  • Kufanele Ngisibheke Kanjani Isikhathi Engibekelwe Sona?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 3/8 k. 25

Incwadi Ekhethekile Eya Kubazali Babo

Amantombazane amabili asakhula aseSpain asanda kubhalela abazali bawo incwadi yokwazisa. Siyawacaphuna:

Kubazali bethu abathandekayo, uPepe noVicenta:

Sizoqala sithini? Kuningi esifisa ukukusho, futhi kunzima ukukufushanisa. Sifisa ukunibonga ngokuthi sesiphile iminyaka engu-17 nengu-15, iminyaka ebenisinakekela futhi nisibonisa uthando ngayo.

Besilokhu siyazi imibono nemithetho yenu. Ngezinye izikhathi sasizibuza ukuthi kungani kwakufanele sibekelwe isikhathi sokubuya ekhaya, kodwa manje, lapho sibuka imiphumela kwenye intsha eyayingabekelwa mthetho wewashi, siyaqaphela ukuthi leyo mithetho yasivikela.

Isibonelo senu sokungaphuthi emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso, ngaphandle kwalapho kunesizathu esizwakalayo, siye saba usizo kakhulu kithi, njengoba kunjalo nangokushumayela kanye nani ngeSonto. NgeSonto ekuseni akudingeki sibuze ukuthi siyaya yini enkonzweni yasensimini. Sazi kahle kamhlophe ukuthi siyaya!

Indlela esikhuliswe ngayo iye yahlanganisa nokufundiswa umoya wokungenisa izihambi. Baningi abantu abaye bavakasha ekhaya, futhi njalo nibanika okungcono kakhulu kweninakho. Lokhu siye sakhula sikubona ngawethu, futhi sesiyabona ukuthi sinabazali abakhethekile.

Akukho muntu osaziyo noma osiqonda kangcono kunani. Ningabangane bethu abakhulu, sinithemba ngokuphelele.

Ekuphetheni, sifisa ukunazisa ukuthi siyanithanda. Ningabazali bethu, futhi besingeke sivume ukuphucwa nina. Ukube ngandlela-thile besingakhetha abazali nendlela yokuphila kabusha, akungabazeki ukuthi besingakhetha nina, futhi besingaphila ukuphila okufanayo.

Yithina abanithandayo, amadodakazi enu,

U-ESMERALDA NOYOLANDA

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela