Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 12/22 k. 32
  • “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?”
  • I-Phaphama!—1998
I-Phaphama!—1998
g98 12/22 k. 32

“Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?”

Ngo-October nango-November 1997, kwasakazwa amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-300 ngezilimi ezingaphezu kwekhulu emhlabeni wonke epheshana elinamakhasi amane elithi “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Abantu abaningi bakhuluma kahle ngalo, kuhlanganise nesihloko esilandelayo se-Express-Times yase-Easton, ePennsylvania, e-U.S.A.:

“Liqokomisa izibonelo zokuphola kothando lomakhelwane—baze ngisho babulalane, njengoba kwenzeka eBosnia-Herzegovina naseRwanda, lapho kwabulalana khona abantu bamaqembu ahlukahlukene ezinhlanga nezinkolo okwase kuyisikhathi eside bengomakhelwane.

“Likhuluma ngezimo zalapha kwelakithi, laxoxa ngesimo sabagugile abahlala bodwa lapho kungekho muntu obavakashelayo, futhi kunesithombe sowesifazane olunguza ngokwesaba emnyango oboshwe ngeketanga.”

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSlovenia lathola isicelo esilandelayo esasivela kuyi-Philosophical Literature Club Impresie: “Kuyadabukisa ukusho ukuthi eSlovenia, iSonto LamaRoma Katolika yilona kuphela elithi lingachaza iqiniso elingokwenkolo. Ukuze siqonde la maqiniso angokwenkolo kangcono, sicela ukuba nisithumelele amakhophi angu-50 epheshana elinesihloko esithi “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Kithina liyinto eyingqayizivele, hhayi ngalokho elikuqukethe nje kuphela kodwa nangezithombe zalo.”

Uma nawe ungathanda ukuthola ubufakazi bokuthi umphakathi wesintu ungahlala ngokuthula nangokuzwana, siza ugcwalise futhi uthumele ikhuphoni elingezansi.

◻ Ngithumeleleni ukwaziswa okwengeziwe ngendlela engingayithola ngayo ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

◻ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela