Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 7/22 k. 32
  • ‘Zivula Umbono Wethu’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Zivula Umbono Wethu’
  • I-Phaphama!—1998
I-Phaphama!—1998
g98 7/22 k. 32

‘Zivula Umbono Wethu’

Inhloko yomnyango wezilimi zakwamanye amazwe e-Karakol Institute of Management eKyrgyzstan, eyayiyi-republic yaseSoviet Union, yatusa izincwadi zoFakazi BakaJehova. Yabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseRussia lokhu okulandelayo:

“Izincwadi nezincwajana zenu zisisiza kakhulu ekufundiseni isiNgisi, isiJalimane, isiRussia, isiKyrgyz nezilimi zamaTurk ngaphansi kwezimo zanamuhla zezenhlalo nezomnotho ezinesiyaluyalu. . . . Labo abafunda ukuhumusha bazidinga kakhulu izincwajana zenu . . . Ngibonga kakhulu ngezincwadi ezithi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?, Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

“Sinabafundi abaningi abangoFakazi BakaJehova. Bayakuthakazelela ukufunda izihloko ze-Phaphama! futhi bayazisebenzisa lapho benikezwe umsebenzi wesikole wasekhaya.”

Umbhali watusa i-Phaphama! ngokukhethekile: “Ngiyabonga ngezihloko ezithakazelisayo nezifundisayo. . . . Zisinikeza ithemba futhi zivula umbono wethu ngezinto. . . . Sonke siyifunda ngenjabulo ingxenye ye-Phaphama! ethi ‘Ukubuka Okwezwe.’”

Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungayithola kanjani ikhophi ye-Phaphama! noma ungathanda ukuba omunye woFakazi BakaJehova akuvakashele ekhaya azoxoxa nawe ngeBhayibheli, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela