Woza Uzolalela Inkulumo Yeningi Yamahhala Ethi “Okuwukuphela Kwendlela Eya Ekuphileni Okumi Phakade”
Eminyakeni ecishe ibe ngu-20 edlule, encwadini yakhe ethi Conquest of Death, uDkt. Alvin Silverstein wabhala: “Sizokwambula umsuka wokuphila. Sizoqonda . . . ukuthi umuntu uguga kanjani.” Waze wabikezela: “Ngeke besaba khona abantu ‘abagugile,’ ngoba ulwazi oluyobangela ukunqotshwa kokufa luyoletha nobungqabavu obungapheli.”
Muva nje, isihloko se-New York Times Magazine ka-September 28, 1997, sabika “ngokwandiswa kokuphila” okuyithemba labantu abaningi abathanda impilo abakushisekelayo okungase kufinyelelwe ubuchwepheshe banamuhla. Omunye umshisekeli wathi: “Ngiyakholwa ngempela ukuthi singaba isizukulwane sokuqala esizophila phakade.” Kuthiwa omunye “wayeqiniseka ngenjabulo . . . ukuthi izindlela zokuqinisa izakhi zofuzo zizotholakala kusenesikhathi sokusindisa [lesi sizukulwane] ngokunqanda ukuguga, mhlawumbe ngokukuhlehlisa.” Ingabe amathemba anjalo ayakumangalisa?
Ingabe ukholelwa ukuthi abantu bayokunqoba ukufa ngobuchwepheshe babo? Noma ingabe ikhona enye indlela yokuphila phakade? Emhlabeni wonke izigidi zabantu ziyaqiniseka ukuthi ukuphila okumi phakade kuyoba khona ngempela. Thola ukuthi lokhu kuyokwenzeka kanjani ngokwamukela isimemo sokuzolalela inkulumo evusa amadlingozi ethi “Okuwukuphela Kwendlela Eya Ekuphileni Okumi Phakade,” eyonikezwa eMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova ‘Wendlela KaNkulunkulu Yokuphila.’ Le nkulumo ungayithamela endaweni eseduze nawe, ngoba kusukela kule nyanga, izonikezwa emakhulwini emihlangano emhlabeni jikelele.
Ukuze uthole indawo yomhlangano eseduze nawe, siza uthintane noFakazi BakaJehova bendawo noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.