Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
I-Internet Ngenza izifundo ze-computer engineering, futhi ngifisa ukunitusa ngochungechunge oluthi “I-Internet—Ingabe Ikulungele?” (July 22, 1997) Lezi zihloko zazifingqwe kahle, zifundisa, futhi zinembile ngokwesayensi. Anizange nivumele imibono engenasisekelo nokuxwaya okuthintene ne-Internet. Ngakolunye uhlangothi, anizange nizifihle izingozi zangempela.
L. E., Italy
Ngifundisa amakilasi e-computer, futhi ukuze ngihlale nginolwazi lwamuva, ngivame ukuthenga omagazini abakhuluma ngama-computer. Awukho nowodwa onesibindi sokububeka ngembaba ngale ndlela ubuhle nobubi be-Internet.
A. A. S., Brazil
Muva nje bengilokhu ngizwa okuningi nge-Internet, kodwa bengingakuqondi kahle. Uchungechunge lwenu lwachaza le ndaba ngendlela elula neqondakala kalula kakhulu.
A. H., India
Nabhala ngendlela eyayiqondakala kalula ngisho nakubafundi abanolwazi oluncane noma abangenalo nhlobo nge-Internet. Futhi nasisiza ukuba sicabangisise ngezingozi zokusebenzisa le nkonzo.
E. K., Ethiopia
Ukubhacekwa Ngecala Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Njalo Kuyiphutha Lami?” (July 22, 1997) sangenza ngakhala. Ngiwuthumbu ekhaya futhi ngiyahlushwa ngaso sonke isikhathi. Ngiyabonga ngokuthi nibhale ngale ndaba.
N. H., United States
IRift Valley Ngakujabulela ngempela ukusifunda ngisiphindaphinde isihloko esithi “IGreat Rift Valley.” (July 22, 1997) Kwakunjengokuthatha uhambo. Umyeni wami wayesebenza e-Afrika, futhi ngakwazi ukuthatha uhambo lokuya engxenyeni eseningizimu yeTanzania. Ngangilokhu ngibuke ngaphandle ngefasitela le-Land Rover yethu. Yonke into yase-Afrika igqamile futhi inemibalabala; ngasala nomcabango ongasoze wasuka engqondweni yami.
B. S., Canada
Izingane Ezikhula Kahle Ngifisa ukunibonga ngochungechunge oluhle oluthi “Siza Abantwana Bakho Ukuba Bakhule Kahle.” (August 8, 1997) Saba usizo futhi sangakha kakhulu. Nginomfana oneminyaka emithathu ubudala, futhi lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqonde umbono wakhe futhi ngithuthukise indlela engimyala ngayo. Ngimbonga kakhulu uJehova ngalezi zihloko.
P. S., Italy
Sangithinta inhliziyo isihloko esithi “Amazwi Anokhahlo Abangela Umoya Owaphukileyo.” Ngiye ngazinyeza konke ukuphila kwami. Ngiyajabula ukubona ukuthi esikhundleni sokugxeka, ngothando nizama ukusiza bonke abaye babekezelela ukuhlupheka okunjalo. Kwangathi uJehova angaqhubeka enibusisa futhi eqondisa ukubhalwa kwezihloko eziwusizo neziduduza kangaka.
L. D., Canada
Ngithemba ukuthi lezi zihloko zizovula amehlo abanye babone imbangela yangempela yosizi abaningi bethu abaye babhekana nalo. Ngiyanibonga ngokusingatha le ndaba.
L. B., United States
Njengothisha enkulisa, izihloko ezinjengalezi ziyangisiza ukuba ngifeze umsebenzi wami kangcono. Ngibonga ngiyanconcoza ngokusinika ulwazi oluhambisana nesikhathi njalo nokusisiza ukuba sithuthuke.
G. R., Mexico
Lezi zihloko zanginika ithemba. Ngivela emkhayeni owohlokile futhi ngokuvamile ngikuthola kunzima ukuzizwa ngikufanelekela ukukhonza uJehova nokunakekela indodakazi yami encane. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuba ngisebenzise ukusikisela okukulesi sihloko. Ngiyabonga ngokukhathalela kwenu.
A. A., United States