Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 3/8 k. 32
  • Usizo Ngomshado Ochithekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizo Ngomshado Ochithekayo
  • I-Phaphama!—1998
I-Phaphama!—1998
g98 3/8 k. 32

Usizo Ngomshado Ochithekayo

Owesifazane wasesiQhingini saseNew Zealand esiseNyakatho wabhala ngokuphathelene nencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya: “Lapho ngihlala phansi ukuze ngiqale ukufunda le ncwadi, kwaba sengathi kwase kuphakathi kokuthi umshado wami ‘uqhubeke noma uchitheke.’”

Wachaza indlela ayekhule ngayo. “Umama wayeseke washada kabili namadoda ayexhaphaza kakhulu. Ngenxa yalokho, sasihlale sifundiswa ukuthi amadoda awanto yalutho amane angabacindezeli babafazi. Ngakho ngakhula nginenkani, nginekhanda eliqinile njalo ngifuna kugcine izwi lami.”

Lona wesifazane waqaphela isidingo sokushintsha. “Ngaqaphela ukuthi ngangilahla amathuba okuba nomkhaya ojabulayo ngokungazithobi kumyeni wami nangenxa yokuzikhukhumeza.” Ngakho-ke wenza izinguquko ezibalulekile, njengoba echaza: “Mina nomyeni wami manje sitadisha le ncwadi njengomkhaya, futhi ngisafunda indlela yokuba umfazi ongumKristu. Sijabula kakhulu ngobuhlobo bethu bamanje kodwa iseyinde indlela.

“Umuzi wethu awukaze ube nothando nokuthula onakho manje.”

Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungazitholela kanjani ikhophi yencwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, kuyo isahluko 8 sikhuluma ‘Ngokuphila Komkhaya Okujabulisa UNkulunkulu,’ bhalela i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5. Uma ungathanda nokuba othile azokuqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, kusho nalokho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela