Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 2/8 k. 32
  • Ithemba Lentombazane YaseRashiya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ithemba Lentombazane YaseRashiya
  • I-Phaphama!—1998
I-Phaphama!—1998
g98 2/8 k. 32

Ithemba Lentombazane YaseRashiya

INTOMBAZANE eneminyaka engu-15 ya-se-Ukhta, eRashiya, idolobha elinabantu abangaphezu kuka-100 000 elisebangeni elingamakhilomitha angu-1200 enyakatho-mpumalanga yeMoscow, yazwakalisa isifiso esiqotho sezimo ezingcono emhlabeni. Yachaza lokhu encwadini elandelayo eyayibhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eRashiya:

“Umngane wami wangitshela ukuthi incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ichaza ukuphila kukaJesu Kristu. Nginesithakazelo kakhulu ezincwadini zenu, omagazini, kanye nezincwajana. Ake ngichaze indlela lesi sithakazelo esakheka ngayo. Saqala lapho ngisehhovisi locingo ngiyokhokhela isikweletu socingo nomsakazo. Ngathola ipheshana lapho phansi. Ngalicosha, ngalithintitha ngase ngiqala ukulifunda, lalinesihloko esithi Kungani Ukuphila Kugcwele Izinkinga Kangaka?

“Ngafunda ngezinkinga zabantu nokuhlupheka kwabo, futhi isembozo sepheshana sasinomfanekiso wesithembiso sokuphila okusha ePharadesi. Nginethemba lokuthi ngolunye usuku kuyoba khona. Ngifisa ngempela ukubona bonke abantu bejabule, benelisekile, bephile kahle ngifuna nokubona izihlobo ezafa. . . . Ngingathanda ukwazi ukuthi kufanele ngenzeni ukuze ngibe nethemba lokuphila ePharadesi emhlabeni. Ngiyanincenga ukuba ningithumelele ukwaziswa okuthile noma izincwadi. Ngiyozikhokhela izindleko zazo kanye nezeposi.”

Nawe futhi ungayithola incwadi engakusiza ukuba uthole ithemba eliqinile elisekelwe eBhayibhelini lokuphila emhlabeni oyipharadesi. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ungayithola kanjani ikhophi yencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela