Ukungabaza Kwayo Kwanqotshwa
Lapho insizwa ethile ihlangana noFakazi BakaJehova esiqhingini saseCaribbean eJamaica, yayikungabaza ukuba khona kukaNkulunkulu iphika nokuthi iBhayibheli liphefumulelwe. Nokho, ngokunqikaza yayamukela incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? OFakazi baphinde bayivakashela kaningana, kodwa ekugcineni yabe isibatshela ukuba bangabuyi kuze kube yilapho ibamema.
“Ezinyangeni ezimbalwa kamuva,” kubika oFakazi, “yashaya ucingo futhi yabuza imibuzo eminingi. Kodwa yayisazingabaza izimpendulo zeBhayibheli.”
Ngokuhamba kwesikhathi, lensizwa yashiyelwa ikhophi yencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli esiqhubekayo. Ngokushesha ngemva kwalokho, yaphawula: “Manje sengiyabona ukuthi kungani isifundo esinjena sidingeka.” Lokho eyayikufunda kwakuyijabulisa kakhulu kangangokuba yacela ukuqhutshelwa isifundo kabili ngesonto. Ngokushesha yaqala ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu.
Ukholo lwezigidi luye lwaqiniswa ngokufunda incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? nangokutadisha incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa ngokuthi ungayithola kanjani ikhophi yalezi zincwadi noma ungathanda ukuba othile akuqhubele isifundo seBhayibheli sasekhaya, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Cover of the book The Bible—God’s Word or Man’s?: Third-century papyrus and Hebrew scroll of Esther: The Trustees of the Chester Beatty Library, Dublin; bust of Alexander the Great: Musei Capitolini, Roma