Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 11/22 k. 32
  • Ingabe Zonke Izinkolo Ziholela KuNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Zonke Izinkolo Ziholela KuNkulunkulu?
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 11/22 k. 32

Ingabe Zonke Izinkolo Ziholela KuNkulunkulu?

Izigidi zabantu zikholelwa ukuthi zonke izinkolo ziyizindlela ezihlukene eziholela endaweni efanayo. Iqiniso liwukuthi, izimfundiso, imikhuba, nonkulunkulu bezinkolo kuyafana. Ngokwesibonelo, bheka lesi sithombe sangekhulu lesi-8 C.E. somlingiswa ongumHindu wasenganekwaneni, eKerala, eNdiya.

Okuphawulekayo ukuthi izinkunzi zazikhulekelwa ezinkolweni eziningi zamandulo. Ngokwesibonelo, ngokukaDiodorus Siculus isazi-mlando esingumGreki sangekhulu lokuqala B.C.E., unkulunkulu wabakwa-Amoni uMoloki naye wayenesimo somuntu kodwa enekhanda lenkunzi.

Kungani kuye kwaba khona ukufana okuphawuleka kangaka ezinkolweni ezihlukahlukene emhlabeni wonke? Ingabe lezi zinkolo zinemvelaphi efanayo? Ingabe ngempela ziyimigwaqo ehlukahlukene eholela endaweni efanayo? Ingabe uNkulunkulu uyazamukela zonke?

Ukulandisa okuthakazelisayo kwemvelaphi nokukhula kwezinkolo ezinkulu zomhlaba okusencwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu kuyayiphendula imibuzo enjalo. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ungayithola kanjani lencwadi noma ungathanda ukuba othile akuvakashele lapho uhlala khona azoxoxa nawe ngokuthi iBhayibheli lithini ngalendaba, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela