Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 11/8 k. 31-k. 32 isig. 3
  • “Ngiyababonga OFakazi NgoMgqibelo Ojabulisayo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngiyababonga OFakazi NgoMgqibelo Ojabulisayo”
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 11/8 k. 31-k. 32 isig. 3

“Ngiyababonga OFakazi NgoMgqibelo Ojabulisayo”

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENORWAY

U-Eivind Blikstad, umlobeli wephephandaba lansuku zonke laseNorway i-Telemarksavisa, wabhala indaba enesihloko esingenhla. Waqale wazwakalisa ukucasuka kwakhe ngeposi elikhankasela ezentengiselwano, ukuthengisa ngocingo nokuvakashelwa ekhaya—ikakhulukazi ngoMgqibelo ekuseni. Khona-ke wabhala:

“Ngokungazelele, nampa befika. Bayangqongqoza. OFakazi BakaJehova. UMgqibelo ekuseni. Baphethe umagazini wabo i-Phaphama!, uNo. 17, ka-September 8, 1996. [“AmaNdiya AseMelika—Liyini Ikusasa Lawo?”] Bangibuza ukuthi ngingathanda yini ukufunda lomagazini ngoba wawunokuthile abacabanga ukuthi kuzongithakazelisa. . . . Ngaphambi kokuba ngithole ithuba lokubatshela ukuthi angiwuthandi, omunye wabo wanezela: ‘Kunesihloko esiphathelene namaNdiya aseMelika. Siyazi ukuthi kuningi oye wakubhala ngalesi sihloko.’

“Ngavele ngakhexa umlomo. Phela uma unconywa, uvele uncibilike. Sengisendlini, ngidla ukudla kwasekuseni, ngaba nelukuluku lokufuna ukwazi. Kuthanda ukuba inqaba ukuba oFakazi BakaJehova bakhulume ngekusasa lamaNdiya aseMelika. Ngafaka izibuko zami ngase ngiqala ukufunda. Lokhu ngakwenza ngokwenqena, ngendlela umuntu enza ngayo uma ecabanga ukuthi into ethile imchithela isikhathi nje.

“Ngamafuphi, akukhona nje ukuthi isihloko soFakazi ngesimo samaNdiya aseMelika sasisihle—sasidl’ubhedu. Ngisikisela ukuba othisha baseNorway bayeke ubandlululo abanalo. Odani amakhophi abo bonke enibafundisayo! Indlela izikhombo ezisetshenziswe ngayo yinhle kakhulu, kanti indaba ibekwe ngendlela ecacile. Lesi sihloko siyathembeka ezindabeni lapho imibono yamaNdiya neyoFakazi ihluke khona. Akukho kukhohlisa. Inkinga ezabelweni eziningi zamaNdiya iphathelene nokwakhiwa kwezikhungo zokugembula. Lezi zikhungo zivula amathuba omsebenzi adingekayo, kodwa zinethonya futhi nasezimisweni zokuziphatha. Lenkinga isingathwe ngobuciko kangangokuba umfundi ukuqonda kahle ukuthi kunjani ukuba iNdiya kuleli khulu lethu leminyaka.”

UBlikstad uyaphetha: “Ngiqabulekile ngenxa yalokho engikufundile, ngayifunda ngayikhipha ngalé le-Phaphama! Ngaphezu kwalokho, kwakunesihloko esithinta inhliziyo ngempela esiphathelene namathempeli namasonto avalwayo esigodini sezimayini saseRhondda, eWales. . . .

“Ingabe sengisangene? Umuntu ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu angamukela oFakazi ngaphandle kwezinsolo? . . . Hhayi namuhla. Sidinga izikhumbuzo zasikhathi sonke zokubaluleka kokucisha inhlansi yobandlululo. Ngokuzayo lapho ngizwa oFakazi bemangalelwa ngokuqamba amanga, okungenani ngiyobe ngazi ukuthi abawaqambanga amanga ngamaNdiya.”

Ngenxa yesidingo esikhethekile sikamagazini i-Phaphama! ophathelene namaNdiya aseMelika, kwanyatheliswa amanye amakhophi angu-37 000 emishinini ye-Watchtower Society eNew York. Ibandla elithile e-Arizona lacela angu-10 000 elalizowasakaza ngokukhethekile ensimini yalo.

Uma ungathanda ukubukisisa oFakazi BakaJehova ngaphandle kobandlululo, zizwe ukhululekile ukubhalela abanyathelisi balomagazini, usebenzisa ikheli eliseduze kwasekhasini 5, noma ushayele iHholo LoMbuso langakini ucingo. Awubophekile, futhi akunankokhiso. Uyothola nje izimpendulo eziqondile.

[Imithombo Yesithombe ekhasini 31]

Indian face: D. F. Barry Photograph, Thomas M. Heski Collection; dancing Indian: Men: A Pictorial Archive from Nineteenth-Century Sources/Dover Publications, Inc.; tepees: Leslie’s; rectangular design: Decorative Art; circular designs: Authentic Indian Designs

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela