Ubani Ongumzali? Ubani Ongumntwana?
ISAZI eCalifornia, e-U.S.A., sikhala ngezinga igunya labazali eselehle ngayo eminyakeni yamuva. “Ehhovisi lami,” siloba, “ngiye ngalalela izingxoxo ezingenakubalwa zabazali nabantwana ezazixoxwa njengokungathi ziphakathi kwabantu abadala ababili, hhayi phakathi komntwana nomzali. Izingxoxo zokubonisana eziyinkimbinkimbi ezifana nezezinkampani zethu ezinkulu ziye zenziwa cishe nganoma yini kusukela esikhathini sokuyolala kuya emalini nasemisebenzini yasekhaya. Ngezinye izikhathi kuye kwaba nzima ukuhlukanisa ukuthi ubani ongumzali nokuthi ubani ongumntwana.”
IBhayibheli linikeza abazali iseluleko esinokulinganisela. Libaxwayisa ngengozi yokuba nemithetho eqine kakhulu kangangokuba icunule abantwana, mhlawumbe yenze umntwana azizwe ecindezelekile futhi edangele. (Kolose 3:21) Kodwa futhi, lixwayisa abazali ngokweqisa ngakolunye uhlangothi—ukuba abayekelela ngokweqile, belahla igunya labo. IzAga 29:15 zithi: “Umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.” Esinye isaga seBhayibheli sithi: “Uma umuntu etotosa inceku yakhe kusukela ebusheni kuqhubeke‚ ekuphileni kwayo kwakamuva iyoba engabongiyo.” (IzAga 29:21, NW) Nakuba lombhalo ubhekisela encekwini, lesi simiso sisebenza ngendlela efanayo nakubantwana.
Abazali abancisha abantwana babo isiqondiso nesiyalo esidingekayo ekugcineni babhekana nemiphumela ebuhlungu—ikhaya elingalawuleki. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli! Yiqiniso, ukwenza kanjalo kudinga umzamo, kodwa kungaletha izinzuzo ezihlala njalo. IBhayibheli lithi: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”—IzAga 22:6.