Livuselela Ithemba
Yazizwa kanjalo indoda eyathola ikhophi yepheshana elinamakhasi amane okuthiwa i-Kingdom News. Lalinesihloko esithi “Kungani Ukuphila Kugcwele Izinkinga Kangaka?” Incwadi yalendoda emaqondana nalo yakhishwa ephephandabeni laseBogotá, eColombia, i-Tiempo. Yabhala:
“Kulezi zikhathi lapho yonke into ibonakala igcwele ubudlova nokonakala, lapho sizizwa siphelelwa ithemba, kuyafaneleka ukuba sifune isilinganiso esithile sosizo olungokomoya ukuze sigcine ukholo lwethu luphilile. Nanku umongo wokwaziswa engakunikezwa:
“‘IBhayibheli lembula ukuthi uNkulunkulu uyongenela ezindabeni zesintu ngohulumeni wakhe wasezulwini ophethwe uJesu Kristu. LoMbuso uyochoboza bonke ohulumeni abonakele kuleplanethi. Ingabe abathile bayosinda ekupheleni kwalelizwe? Laba abasindile bayophila phakade kuphi? Abalungileyo bayodla ifa lomhlaba. Emhlabeni omusha kaNkulunkulu, ukufa kuyobe kungasekho. Buyobe bungasekho ubugebengu, ubumpofu, indlala, ukugula, ukukhala, nokufa. Abafileyo bayobuyiselwa ekuphileni futhi, nomhlaba uyoguqulwa ube yipharadesi.’”
OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukusiza labo abanesifiso sokukhula olwazini lweBhayibheli. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini eliseduze nawe kwasohlwini olusekhasini 5.