Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 8/8 k. 32
  • “Bajabulisa Okwezingane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Bajabulisa Okwezingane”
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 8/8 k. 32

“Bajabulisa Okwezingane”

Wakuchaza kanjalo uSergei, ubaba wezingane ezintathu oneminyaka engu-32 ubudala, ukusabela kwabangane bakhe lapho ebabonisa incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? USergei, ohlala eTatarstan, eRussia, uchaza okwenzeka:

“Saqala ngokubuka imifanekiso safunda namazwi ayichazayo. Kwalandela ingxoxo eshukumisayo. Bonke abangane bami bangobaba nomama abasebancane . . . Sonke siya esontweni ngama-Ista noma obhapathizweni, kodwa isithakazelo sethu siphelela lapho.

“Ngakolunye uhlangothi, yeka isithakazelo esinaso ezincwadini zenu! Isembozo sencwadi esinombala, esiklanywe kahle sidonsa ukunakekela ngokushesha. Lapho uqala ukufunda, kunzima ukuyeka. Ufuna ukuhlanganyela nomakhelwane lokho okufundile. Ngaphezu kwalokho, ngemva kokufunda nokuxoxa ngokwaziswa uba nomuzwa wokwaneliseka. Ekugcineni, sesithole okuthile okujabulisayo, okunobuhlakani, nokuzuzisayo ukuba uxoxe ngakho.

“Ngokuqinisekile, siphila endlaleni engokomoya. Wonke umuntu ukhuluma ngemali, izinkinga, izinkathazo, nokukhohlisa. Lezi zinto zimane zilimaza inhliziyo. Ngemva kokucabanga ngazo, uyaqwasha, nasekuseni awufuni ukuvuka ubhekane nenqwaba yezinkathazo zabantu.”

Mhlawumbe unemizwa efanayo futhi ungakujabulela ukuthola lencwadi ethakazelisayo enyatheliswa ngoFakazi BakaJehova, inhlangano yomhlaba wonke yabafundi beBhayibheli abangaphezu kwezigidi ezinhlanu. Uma ungathanda ukuthola ulwazi olwengeziwe noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela