Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 6/22 k. 32
  • Yonke Imibuzo Yakhe Yaphendulwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yonke Imibuzo Yakhe Yaphendulwa
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 6/22 k. 32

Yonke Imibuzo Yakhe Yaphendulwa

Indoda eyatholana noFakazi BakaJehova eNdiya yathola ukuthi lokho ababekufundisa kwakuhluke kakhulu kulokho eyayikufundiswe esontweni. Yakhuluma noFakazi BakaJehova ngalokhu yaze yabhalela nehhovisi legatsha laseNdiya ibuza imibuzo.

Khona-ke, ngolunye usuku lendoda yabhala incwadi eyayiqala kanje: “Bafowethu abathandekayo eLonavla”—indawo lapho ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova likhona eNdiya. Yachaza: “Konke ukungabaza nemibuzo yami kuvele kwaxazululwa kumagazini i-Phaphama! ka-May 8, 1995, ngaphansi kwesihloko esithi ‘Ingabe Wake Wazibuza?’ Nginesiqiniseko esiphelele sokuthi oFakazi BakaJehova baneqiniso.”

Leso sihloko esikuyi-Phaphama! sasiphendula imibuzo enjengalena elandelayo: “Ingabe ukukhulekela kweqiniso bekungazama ukufihla noma ukushintsha igama likaNkulunkulu elambuliwe?” “Inkolo yeqiniso kufanele ibonise ukuziphatha okunjani njengomphumela wezimfundiso zayo?” “Ingabe ukukhulekela okuvunyelwa uNkulunkulu bekuyovumela ukuhlanganyela ezimpini nasekubulalaneni kwezinhlanga noma kwezizwe?”

Sinethemba lokuthi i-Phaphama! ingakusiza nawe ekufuneni iqiniso leBhayibheli. Uma ungathanda ukuthola ikhophi yayo noma ukuba othile afike lapho uhlala khona azoxoxa nawe ngeBhayibheli, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela