Ukudla—Kufanele Ukhathazeke Ngakho
“HAMBA udle isinkwa sakho ngentokozo,” kusho iBhayibheli kumShumayeli 9:7. Ngempela, ukudla akuyona nje into edingekayo kuphela kodwa futhi kungenye yezinto ezijabulisa kakhulu ekuphileni.
Cabanga ngoThomas oneminyaka engu-34 ubudala. Uyazifela ngenyama. Futhi uyidla nsuku zonke—ngokuvamile kaningana ngosuku. Ukudla kwakhe ekuseni kuba ubisi, amaqanda ambalwa, isinkwa esingathosiwe noma esithosiwe esigcotshwe ibhotela namasoseshi noma ubhekeni. Ezindaweni ezithengisa ukudla osekuphekiwe, uthenga ama-hamburger afakwe ushizi, amazambane athosiwe nama-milk shake. Lapho edla endaweni yokudlela, uthanda inyama yenkomo. Endaweni yokudlela eyintandokazi yakhe kudayiswa inyama yenkomo engamagremu angu-680 namazambane aphekiwe afakwe ukhilimu, ngayo kanye indlela ayithandayo. Ikhekhe likashokoledi elimbozwe ngo-ayisikhilimu kashokoledi liwuphudingi oyintandokazi yakhe.
UThomas unobude obungamamitha angu-1,78 nesisindo esingamakhilogremu angu-89; ngokweziqondiso zezokudla zikahulumeni wase-United States zango-1995, unesisindo esingamakhilogremu angu-9 ngaphezulu kwesisindo esifanele. UThomas uthi: “Isisindo sami asingikhathazi. Ngingumqemane. Angikaze ngiphuthe nakanye emsebenzini kuleminyaka engu-12 edlule. Ezikhathini eziningi, ngizizwa ngijabulile futhi nginobungqabavu—ngaphandle kwalapho-ke ngisanda kudla inyama yenkomo engama-ounce angu-24 [amagremu angu-680].”
Nokho, ingabe ukudla okudliwa uThomas kuyamlimaza, kancane kancane kumenza isisulu sokumelwa yinhliziyo? Encwadini yakhe ethi How We Die, uDkt. Sherwin Nuland ukhuluma ‘ngezindlela zokuphila eziwukuzigwaza ngowakho’ futhi kuzona ubala ukudla ‘inyama ebomvu, izingcezwana ezinkulu zikabhekeni nebhotela.’
Kwenzeka kanjani ukuba izinhlobo ezithile zokudla zibangele isifo senhliziyo kubantu abaningi? Yini lena ekulezo zinhlobo zokudla ebangela ingozi? Ngaphambi kokuba sidingide lemibuzo, ake sihlolisise ukuthi kunengozi kangakanani empilweni ukuba nesisindo esingaphezulu kwesifanele.
[Isithombe ekhasini 3]
Kungani kufanele ukhathazeke ngokudla okunje?