Umagazini Oyigugu
UMHLENGIKAZI othile waseLondon wabhalela abanyathelisi be-Phaphama! lamazwi alandelayo:
“Ngolunye usuku ngangikhuluma nomakhelwane wami omusha, uJackie, ngomsebenzi wami wokunakekela asebekhulile. Wathi kimi: ‘Nginomagazini abathile abangase bathande ukubafunda.’ Ngaya nabo emsebenzini labomagazini bakhe, futhi ngabashiya ematafuleni amancane aseduze nosofa. Lapho ngiphinda ngibuya ngaphawula ukuthi babevulwe kaningana, ngakho abantu babebafunda.
“Kamuva ngawushintsha umsebenzi wami ngaqala ukusebenza esibhedlela. Ngabeka abanye bomagazini bakamakhelwane wami egunjini lokulinda. Nalapha futhi ngabona ukuthi babefundwa. Ngolunye usuku ekuseni lapho nganginakekela isandla sesalukazi esithile, umyeni waso wathi: ‘Ngiyethemba ukuthi kuvumelekile, kodwa ngithathé lomagazini egunjini lenu lokulinda. Unesihloko esihle kakhulu engifuna ukusihlanganyela nendodana yami.’
“Labomagazini baye baba isibusiso nakimi. Njengoba ngisaqeqeshelwa ubuhlengikazi, ngiye ngasebenzisa ukwaziswa okukulezi zihloko ezivivinyweni zami zokucwaninga, futhi ngiye ngathola ukusabela okuhle kothisha bami.
“Umakhelwane wami uJackie ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi lomagazini engilokhu ngibhekisela kuwo i-Phaphama! Engiye ngakufunda kulomagazini kuye kwangisiza ukuba ngiqonde okuningi ngami nangekusasa lesintu.”
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongathola ngayo omagazini abalandelayo be-Phaphama!, siza uxhumane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele ekhelini eliseduze kwasohlwini ekhasini 5.