Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
ISonto Lobu-Orthodox NjengomKristu ongumOrthodox, isihloko senu esithi “ISonto LamaGreki Lobu-Orthodox—Inkolo Ehlukene,” (January 8, 1996) sangenza ngaba nelukuluku lokufuna ukwazi. Esikhathini esizayo lapho nilulaza ubu-Orthodox, nibe nesibindi sokusho izinto obuzenzile, njengokuthi babulondoloza kanjani ubuKristu phakathi noshushiso lwamaSulumane nokubusa kweSoviet. Ngaphandle kwalokho, ukuhlukana kweSonto noHulumeni akukona okungokweBhayibheli. Ingabe uhulumeni weNkosi uDavide noma uSolomoni wawuhlukene neSonto?
M. F., United States
Sagxila enkingeni iSonto Lobu-Orthodox elibhekene nayo njengamanje—okuyindaba efakazelwa kabanzi imithombo yezindaba eGreece. Lenkinga ibangelwa ukuhluleka kwaleli sonto ukulalela umyalo kaJesu ‘wokungabi ingxenye yezwe’ nokungathathi-hlangothi kwezombangazwe. (Johane 17:16)—ED.
Ukushaywa Uvalo Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukubhekana Nokushaywa Uvalo.” (June 8, 1996) Sekuyiminyaka engu-14 ngishaywa uvalo futhi bengicabanga ukuthi yimina ngedwa onalenkinga. Ngezinye izikhathi lemizwa ingihlasela ngisho nalapho ngiseHholo LoMbuso. Nakuba izinkinga zami zingase zingapheli, lesi sihloko siye sangisiza ngempela.
C. C., Spain
Ngasifunda ngikhihla isililo isihloko esikhuluma ngokushaywa uvalo. Siyongisiza esikhathini esizayo lapho ngishaywa uvalo. Nginomuzwa wokuthi lesi sihloko siyimpendulo yemithandazo yami.
M. B., Scotland
Sekuyiminyaka engaba ngu-30 ngingakwazi ukugibela izitimela noma amabhasi noma ukuba phakathi kwabantu. Imihlangano eHholo LoMbuso nemihlangano emikhulu iyinselele enkulu. Ngakho ningase niyibone indlela lesi sihloko esibe ngayo umthombo wesikhuthazo nenduduzo enkulu kimi. Nginibonga ngenhliziyo yami yonke ngokubhala ngalesi sifo ngendlela eyakhayo neduduzayo.
Y. T., Japan
Ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi bengilokhu ngishaywa uvalo kabuhlungu kusukela ngo-1994. Ngaphelelwa injabulo futhi ngangingafuni ukuphuma endlini. Ngangicabanga ukuthi lemizwa ibangelwa ukuntula ukholo, kodwa manje ngiyazi ukuthi angiyena ukuphela komKristu obhekene nalokhu.
S. A., Brazil
I-Waltzing Matilda Iculo elithi “Waltzing Matilda” lingikhumbuza izinto ezithakazelisayo. Ngiyabonga ngalesi sihloko (June 8, 1996) esanikeza umlando walelo culo. Ukusifunda kuye kwavuselela isithakazelo sami sokufunda zonke izihloko ezikuyi-Phaphama!
J. M., Germany
Inhlonipho Ocingweni Ngiyabonga ngesihloko esihle kakhulu esithi “Injani Inhlonipho Yakho Ocingweni?” (June 8, 1996) Ngisebenza ebhange elisiza amakhasimende ngocingo. Nganikeza umphathi wami lesi sihloko, futhi wangitshela ukuthi usithole sizuzisa, sifike ngesikhathi futhi siwusizo. Wangicela ukuba nginikeze bonke abantu abangu-32 abasebenzisa izingcingo emsebenzini.
N. J. S., Brazil
Njengoba sasike saba nezinkinga esikhathini esidlule ngabantu abashaya ucingo benezisusa zobugebengu, sekuyisikhathi eside silandela isiqondiso senkampani yezingcingo sokuba silubeke phansi ucingo uma oshayile enqaba ukuzisho igama ngemva kokumcela ngomusa izikhathi ezintathu. Lokhu kuye kwaphumela ekuphathekeni kabi izikhathi ezimbalwa lapho umngane eshaya ucingo abese ethi siqagele ukuthi ungubani njengoba kushiwo kulesi sihloko. Izihloko ezinjengalesi zithuthukisa umusa nokuqonda ngisho nasezintweni ezibonakala zizincane kangaka.
G. A., United States