Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 2/8 k. 32
  • Wazini Ngojesu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wazini Ngojesu?
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 2/8 k. 32

Wazini Ngojesu?

Ngokuqondene nencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, enamakhasi angu-448 enemifanekiso, ekhuluma ngokuphila kukaJesu Kristu, owesifazane othile oneminyaka engu-84 ubudala ohlala e-United States wathi: “Ngiye ngalifunda lonke iBhayibheli ngezikhathi ezihlukahlukene, futhi incwadi ethi Umuntu Omkhulu iye yangisiza ukuba ngiliqonde kangcono.” Lencwadi yenza ukuba kube ngokoqobo ukulandisa kweBhayibheli ngokuphila kukaJesu.

Wabhala: “Angikhathali ukufunda lencwadi. Sengiyifunde izikhathi eziyisikhombisa futhi sengiyiqale phansi. Inhliziyo yami ishukunyiswa izimfanelo ezinhle zikaJesu. Lapho ngifunda izahluko ezikhuluma ngesonto lokugcina likaJesu emhlabeni, ingizwisa ubuhlungu indlela aphathwa kabi ngayo, ikakhulukazi phakathi namahora okugcina, nokufa kwakhe esigxotsheni sokuhlushwa. Nokho, wakhazimulisa uBaba wethu wasezulwini, uJehova.”

Encwadini ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, kuye kwenziwa umzamo wokuveza zonke izenzakalo zokuphila kukaJesu kwasemhlabeni ezitholakala emaVangelini amane. Ingakusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngoJesu. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongathola ngayo ikhophi noma ungathanda ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela