Ingabe Womele Ulwazi LweBhayibheli?
INGXOXO ekhululekile yeBhayibheli yanqatshelwa amashumi eminyaka emazweni obuKhomanisi. Kodwa lapho kuphela iMpi Yomshoshaphansi, amakhulu ezinkulungwane zabantu lapho aye aqala ukufuna ulwazi lweBhayibheli. Nakuba lokhu kwenzeka ikakhulukazi kuma-republic okwakungaweSoviet Union, isimo siyafana emazweni aseMpumalanga Yurophu.
Ngokwesibonelo, ingxoxo yeBhayibheli yaletha injabulo enkulu kuthisha oneminyaka engu-45 ubudala wasePecs, eHungary, ofundisa isayensi yezinto eziphilayo nesayensi ephathelene nokuthakwa kwemithi. “Kwakungokuhlangenwe nakho okuvus’amadlingozi nokujabulisayo ukukhuluma nomunye woFakazi BakaJehova lapho ngivakashele eBudapest,” kubhala lothisha. “Ngiyathanda ukufunda imiBhalo, futhi ngingakwazisa ukuhlanganyela esifundweni seBhayibheli. Ngingalwamukela ngokubonga usizo lwenu.”
OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukunikeza usizo olunjalo kubantu kuyo yonke indawo. Uma ungathanda ukuba othile eze ekhaya lakho azoxoxa nawe ngeBhayibheli, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.