Uke Wakubona Yini Ukubaneka Okuluhlaza?
YEKA ukuthi kujabulisa kanjani ukuvalelisa usuku ngokugqolozela ukushona kwelanga okuhle! Ukukhanya okufudumele kwelanga kunikeza umbukwane wemibala njengoba ukukhanya kudlula emoyeni osemkhathini womhlaba. Okwenezela kulesi senzakalo esivusa amadlingozi yisenzakalo esingavamile esibizwa ngokuthi ukubaneka okuluhlaza. Uma izimo zikahle, lokhu kunyazima kokukhanya okuluhlaza kwenzeka ngomzuzwana wokugcina wokushona kwelanga. Isenzakalo esiyivela-kancane nangokwengeziwe esibizwa ngokuthi ukubaneka okuluhlaza okwesibhakabhaka kuthiwa sihle nakakhulu.
Yini ebangela lokhu kubaneka okumibalabala? Kungani kuthatha umzuzwana nje? Futhi kungani kuyivela-kancane kangaka? Ukuze siphendule lemibuzo, okokuqala kumelwe sibe nokuqonda okuyisisekelo kwalokho okwenzekayo uma kuhlangana ukukhanya kwelanga nomoya osemkhathini womhlaba.
Ukukhanya kwelanga okugelezela phansi emhlabeni kunayo yonke imibala yothingo. Lapho lokhu kukhanya kungena emoyeni osemkhathini womhlaba, lomoya usebenza njengengilazi enkulu ewunxantathu (prism) futhi uhlakaze, noma usabalalise ukukhanya. Nokho, izinga lokusatshalaliswa kwamaza okukhanya lixhomeke ebudeni bawo.
Amaza okukhanya aluhlaza okwesibhakabhaka mafushane futhi ahlakazeka kabanzi emoyeni osemkhathini. Yingakho isibhakabhaka sibonakala siluhlaza ngosuku olubalele lapho ilanga liphezulu. Kodwa lapho ilanga liseduze komkhathizwe—njengasekushoneni kwelanga—ukukhanya kwelanga kumelwe kuhambe ibanga elide phakathi komoya osemkhathini ukuze kufinyelele emehlweni ethu. Ngenxa yalokho, ukukhanya okuluhlaza okwesibhakabhaka okuhlakazeke kakhulu akufinyeleli kithi. Ngakolunye uhlangothi, amaza amade, njengalawo abomvu, angadlula kalula kakhulu emoyeni osemkhathini ominyene. Lokhu kwenza ukushona kwelanga kube nalombala wako ovamile obomvu noma osawolintshi.a
Nokho, ngaphansi kwezimo ezithile, ukubaneka okuluhlaza noma okuluhlaza okwesibhakabhaka kungabonakala ekushoneni kwelanga. Kwenzeka kanjani lokhu? Njengoba ingxenye yokugcina yelanga isithela emkhathizwe, ukukhanya kwelanga kuhlukana kube imisebe emibalabala njengothingo. Ukukhanya okubomvu kuba ngezansi kwalemisebe emibalabala, futhi ukukhanya okuluhlaza okwesibhakabhaka kube ngaphezulu. Njengoba ilanga liqhubeka lishona, ingxenye ebomvu yalemisebe emibalabala iyasithela emkhathizwe futhi ingxenye eluhlaza okwesibhakabhaka ngokuvamile ihlakazwa umoya osemkhathini. Kungalowo mzuzwana lapho ingxenyana yokugcina yokukhanya okubonakalayo ibaneka khona iba luhlaza. Kodwa kungani iba luhlaza? Kungoba umbala oluhlaza ungomunye umbala oyinhloko wokukhanya.
Lapho isibhakabhaka singcole kakhulu, ukubaneka okuluhlaza akuvamile ukubonakala, futhi ukubaneka okuluhlaza okwesibhakabhaka kwenzeka kuphela lapho umoya osemkhathini ucwebe ngendlela engavamile futhi ukukhanya okuluhlaza okwesibhakabhaka okwanele kudlula esibhakabhakeni ukuze kuveze ukubaneka okukhazimulayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Phaphama! yesiNgisi ka-December 8, 1987, ikhasi 16, ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nokushona kwelanga.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Sunset: ©Pekka Parviainen/SPL/Photo Researchers