Kwasiza Izinkubabulongwe Zase-Afrika!
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA
EMAKHULWINI amabili eminyaka adlule, lapho izinkomo zilethwa okokuqala e-Australia, ubani owayengabona kusengaphambili izinkinga ezingathi sína ezaziyoba umphumela walokho ezweni?
Njengoba isikhathi sasiqhubeka, amadlelo ambozwa ubulongwe bezinkomo, buvimbela ukukhula kotshani ezindaweni ezithile noma benze izinkomo zingakwazi ukudla utshani. Ekugcineni izinqwaba zobulongwe zaba izindawo ezinkulu zokuzalela zezimpukane eziwuhlupho. Eqinisweni, ngokombiko okumagazini othi Africa—Environment & Wildlife, ngawo-1970 inkinga yabe “isiyimpicabadala engokomnotho nengokwesayensi yezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile.” Kwatholakala ukuthi “amadlelo angamahekthare angaphezu kwezigidi ezimbili awabe esakhiqiza unyaka ngamunye . . . , amanani amakhulu e-nitrogen awazange abuyiselwe emhlabathini ngenxa yobulongwe obungagqitshiwe, futhi ubuningi bezimpukane base bufinyelela iqophelo eliphezulu kakhulu.”
Yini eyayonakele? E-Afrika ngokuvamile izinkubabulongwe zaziyobususa masinyane nangendlela ephumelelayo ubulongwe emasimini. Ubulongwe ezibugqibile babuyovundisa inhlabathi futhi buyenze ikwazi ukungenwa amanzi kakhudlwana, kanjalo buthuthukise ukukhula kwezitshalo. Ngalendlela, izinhlobo zezimpukane ezilimazayo zaziyogcinwa zisesilinganisweni namaqanda azo ayeyoqedwa, kuvinjelwe ukusakazeka kwesifo esibangelwa amagciwane.
Nokho, lokho izifiki zokuqala zase-Australia ezingazange zikuqaphele kwakuwukuthi izinkubabulongwe zase-Australia zisebenza ebulongweni obuncane, obuqinile, obunjengemisimbane yezilwane ezivamile kuphela futhi zazingenakukwazi ukubhekana nobulongwe obukhulu obuthambile bezinkomo.
Yini okwakufanele yenziwe? Ukuletha ezweni izinkubabulongwe ezivela kwamanye amazwe! Ngokwesibonelo, izinhlobohlobo zase-Afrika (okunezinhlobo ezingaba ngu-2000) ziyakwazi ukubhekana nezilinganiso ezinkulu zobulongwe obuthambile, njengalobo obukhishwa izindlovu. Ukususa ubulongwe bezinkomo akulethi ngisho nencane inkinga kulezi zinkubabulongwe. Kodwa yeka inani elikhulu lezinkubabulongwe elidingekayo ukuze zenze lomsebenzi! I-Africa—Environment & Wildlife ibika ukuthi kwelinye ipaki lesizwe, “kuye kwaphawulwa izinkubabulongwe ezingu-7000 enqwabeni eyodwa yobulongwe bendlovu,” futhi kwelinye ipaki, “kwaqoqwa ezingu-22 746 . . . enqwabeni yobulongwe bendlovu obungamakhilogremu angu-7 ngamahora angu-12.” Cabanga nje ukuthi kudingeka izinkubabulongwe eziningi kangakanani ukuze kubhekanwe nalenkinga yase-Australia eyinhlekelele!
Ngokujabulisayo, okwamanje isimo siya siba ngcono ngokuphawulekayo—ngosizo lwezinkubabulongwe zase-Afrika.