Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 2/22 k. 26-k. 27 isig. 9
  • Umngane Wami Othandekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umngane Wami Othandekayo
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukunamathela Enhlanganweni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 2/22 k. 26-k. 27 isig. 9

Umngane Wami Othandekayo

Bangobani abangane bakho? Ingabe yilabo abalingana nawe kuphela? Funda ukulandisa kosemusha okuphathelene nomunye wabangane bakhe, omdala kunaye cishe ngamashumi angu-7 eminyaka.

UMKHAYA wakithi wathuthela e-Aberdeen, eScotland, eminyakeni engaba ngu-9 edlule, lapho ngineminyaka eyisithupha nje kuphela. Lesi kwakuyisikhathi esithusayo kimina ngoba kwadingeka ukuba ngiqale esikoleni esisha futhi kwadingeka ukuba ngithole abangane abasha. Kodwa okuthile kwangenza ngakhululeka kahle esimweni sami esisha. Owesifazane osekhulile, abazali bami abake bahlangana naye ngaphambili, wayehlala eduze nomuzi wakithi. Bangethula kahle kuye futhi ngokushesha ngamangala ukuthola indlela ayethakazelisa ngayo. Wayemusha enhliziyweni, futhi wayegqoka ngendlela ebukeka kahle.

Indlu esasihlala kuyo yayingeyokuqashwa, ngakho sathuthela endlini esasizohlala kuyo unomphelo, eyayiqhele cishe ngekhilomitha nengxenye ukusuka kweka-Anti Louie. Ngisebenzisa igama elithi “anti” ngenxa yokumhlonipha futhi njengegama lokubonisa uthando. Ngangidabukile lapho kudingeka ukuba sithuthe, ngoba mina nomfowethu sase siqale ukumvakashela njalo.

Nokho, isikole engangifunda kuso sasiseduze nje nendlu ka-Anti Louie. Ngakho njalo ngoLwesihlanu ngemva kokuphuma kwesikole nangaphambi kokuba ngiyozilolongela i-Scottish Country Dancing esikoleni kusihlwa, ngangiya kwa-Anti ngiyophuza itiye. Lokhu kwaba inqubo yami evamile. Ngangiye ngize nenye yezincwadi zami zezindatshana, futhi wayengifundela yona ngesikhathi ngidla amasemeshi e-cucumber, ngiphuza nengilazi yobisi olubandayo.

Ngiyakhumbula ukuthi izinsuku zangoLwesihlanu kwakubonakala sengathi zihamba kancane njengoba ngangilinda ngokulangazela insimbi ka-3:30 ntambama, eyayingibikela ukuthi ngiphuthume kwa-Anti Louie. Kwakungalesi sikhathi lapho ngaqala khona ukufunda indlela abantu abadala abangathakazelisa futhi bajabulise ngayo. Eqinisweni, angizange ngimthathe njengogugile. Engqondweni yami wayemusha ngempela. Wayekwazi ukushayela, futhi wayegcina ikhaya nengadi kunephunga elimnandi—yini enye efunwa ingane?

Kwadlula iminyaka emithathu, futhi ngase ngisonyakeni wokugcina esikoleni sabaqalayo. Kungalesi sikhathi u-Anti Louie anquma ngaso ukuthi ingadi yakhe yayisiba umsebenzi omkhulu kuye nokuthi kuyoba ngcono ukuba ayohlala efulethini. Ngaleso sikhathi ngangingakuqondi ukuguga. Ngangicasulwa ukuthi ifulethi lakhe lalisengxenyeni ehlukile yedolobha. Izinsuku zangoLwesihlanu azibange zisaba mnandi njengoba zazinjalo ngaphambili.

Ngo-1990 ukushintshela kwami esikoleni esiphakeme kwakusondela. Yini engangizoyenza esikoleni esikhulu kangaka? Ngangizobhekana kanjani nezimo? Kwakufanele ngiye esikoleni esihlukile kunesabangane bami, njengoba umkhaya wakithi wawuhlala kwenye indawo. Kodwa nalapho kwakukhona u-Anti Louie ngoba ifulethi ayethuthele kulo laliseduze kakhulu nesikole esiphakeme engangifunda kuso! Ngambuza ukuthi ngangingeza yini endlini yakhe ngesikhathi sokudla kwasemini ngizodlela khona amasemeshi ami. Kanjalo kwaqalwa enye inqubo evamile eyigugu.

Ngicabanga ukuthi kungalesi sikhathi lapho ubuhlobo bethu bashintsha khona busuka ekubeni ngobomntwana nomuntu omdala buya ekukujabuleleni ngokulinganayo ukuba ndawonye kwethu. Lokhu kwaba sobala ngezindlela eziningi, kodwa indlela eyodwa ngokukhethekile kwakuyilapho siqala ukufunda ndawonye izincwadi ezinezindaba ezingasoze zabuna—ezithi Jane Eyre, Villette, Pride and Prejudice, nethi The Woman in White—esikhundleni sezincwadi zezindatshana. Uhlobo lwezincwadi engizithandayo lwase lubonisa ukuthi ngikhulile.

U-Anti Louie wangifundisa ukuthi ukuba nothando ngabantu kuyikhono nobuciko. Ukube wayengangifundisanga, ngangingase ngingakuqapheli lokho kuze kube yilapho sengikhule kakhudlwana. Wangifundisa ukulalela, futhi abantu abaningi kulelizwe elimatasa ngokweqile abakufundi nanini lokho, kungakhathaliseki ukuthi badala noma basha. Njengoba ngigoqana kusofa wakhe, ungixoxela izindaba zokuphila kwakhe nokuhlangenwe nakho aye waba nakho. Luyangijabulisa ulwazi oluthakazelisayo lwalona wesifazane.

U-Anti Louie wadela okuningi—umshado, izingane, nomsebenzi wokuziphilisa—ukuze anakekele abazali bakhe nonina omkhulu ekuguleni kwabo okubuhlungu. Lokhu kwenza ukuba umfowabo omncane akwazi ukuqhubeka esenkonzweni yesikhathi esigcwele.

Eminyakeni emibili edlule, u-Anti Louie ubelokhu eba buthakathaka ngokwempilo, futhi ngiyakubona ukukhungatheka, ubunzima, nobuhlungu obulethwa ukuguga. Muva nje, lapho eseneminyaka engu-84, kuye kwadingeka ukuba ayeke ukushayela, futhi lokhu kuye kwaba uvivinyo olukhulu kuye. Wayejwayele ukuphila okumatasa kakhulu, kanti manje ukuvaleleka ekhaya lakhe kukhungathekisa ngempela. Kuye kwadingeka ukuba alwe nomuzwa wokuthi ukhathaza abantu. Kungakhathaliseki ukuthi simtshela kaningi kangakanani ukuthi siyamthanda futhi singamenzela noma yini, usaqhubeka ezizwa enecala.

Okwenza kube nzima nakakhulu manje ukuthi sekunzima ngaye ukuba azigeze futhi azigqokise. Nakuba eye wakwenzela abanye lokhu, kuwuvivinyo manje ukuba azithole esedinga usizo olunjalo. Lokhu kungifundisa ukuthi ngisho nalapho abantu bengenakukwazi ukuzenzela zonke izinto, basayifanelekela inhlonipho yethu.

Nokho, ngaphezu kwakho konke okunye, lokhu okuhlangenwe nakho kuye kwangisiza ukuba ngiqonde ukuthi kunjani ukuguga. Into ngayinye u-Anti Louie angasakwazi ukuyenza ingenza ngikhale. Ngaphezu kwakho konke, lapho ngimbona ekhungathekile noma esezinhlungwini ezinzima, kuthi angikhale kabuhlungu. Okungidabukisa ngokukhethekile ukuthi konke ukuhlakanipha kwakhe ngeke kusajatshulelwa futhi kwaziswe ngenye ingane encane kunami.

Ngezinye izikhathi ngiyazibuza ukuthi ingabe ngimenzela okwanele yini. Ingabe uyangijabulela futhi ungithanda kangangokuba ngimthanda? Kodwa lapho ngiya kuye ngiyodla ukudla kwasemini futhi ngimsingatha, konke ukungabaza kuyashabalala.

Ngizizwa nginelungelo ukuba ngibe nomngane onjengalona. Uye wangifundisa izimfanelo eziningi ezinhle—ngaphezu kwakho konke uye wangifundisa uthando. Ngeke ngishintshanise ubungane bakhe ngobabangane abayikhulu abangontanga yami. Nakuba sengizoqeda esikoleni futhi ngingabe ngisaya ukuyodlela ukudla kwasemini endlini yakhe, ngeke ngiyeke ukuthanda, ukuvakashela, nokusiza umngane wami othandekayo. Uye wangifundisa ukuthi ukuphila kungaba okujabulisayo nokwanelisayo uma ucabanga ngabanye ngaphambi kokucabanga ngawe siqu.—Inikelwe.

[Isithombe ekhasini 26]

Ngikanye no-Anti Louie

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela