“Uma Ngangingashintsha Umzuzwana Kusengaphambili”
ABAFUNDI esikoleni saseCalifornia, e-U.S.A., bacelwa ukuba babhale indaba ngalesi sihloko esingenhla. Omunye wabaphuma phambili kulomncintiswano wokubhala indaba kwakungu-Eric, indodana eneminyaka engu-11 emkhayeni woFakazi BakaJehova. Wazibhalela ngokwakhe lendaba elandelayo esekelwe eBhayibhelini.
“IMpi Yezwe II yayiyimpi ebhubhisayo. Kwafa abantu abaningi ababengenacala. Kodwa umzuzwana engiwukhethile ubuyokwenza lempi ingabikho ngokuphelele ezincwadini zomlando. Cabanga ngokubulawa kukaJohn F. Kennedy. Lendoda yafa ukufa okubuhlungu, kodwa umzuzwana engiwukhethile ubuyokwenza nalokhu kungabi khona ezincwadini zomlando. UMartin Luther King, Jr., wafa ngo-1968 ngenxa yokuzama ukushintsha ukucabanga kwezwe, kodwa umzuzwana engiwukhethile ubuyosibuyisela emuva naleso sikhathi. Uma ngangingashintsha lomzuzwana kusengaphambili, izwe beliyoba elihlukile, zonke izinto njengoba sizazi beziyoshintshwa, futhi zonke izinto, kuhlanganise nezikhathi nabantu, bekuyoba okuhlukile. Ngalomzuzwana kwashintshwa umlando ukuze wenze izwe libe njengoba silazi namuhla—elibulalayo, elinobudlova, eligulayo, nelibi.
“Nokho, kungenzeka uyazibuza, ‘Ingabe lomzuzwana isifo? Ingabe lomzuzwana uhulumeni? Noma ingabe lomzuzwana impi?’ Zibuze, ‘Uma ubuyisifo, ubungazivimbela kanjani izenzo zabantu ukuba zingabi zimbi?’ ‘Ubungeke,’ ubungasho kanjalo. Khona-ke uyacabanga, ‘Kumelwe ube uhulumeni owawuyoxazulula zonke izinkinga zethu.’ Kodwa uhulumeni uphethwe abantu, futhi bonke abantu abaphelele futhi bayafa. Ngakho ibingeke yini imisebenzi yabo emihle ife nabo? Khona-ke uthi, ‘Kumelwe kube impi efana neMpi Yezwe II.’ Cha! Ubungeke ube yiyo ngoba empini uhlangothi olulodwa luyanqoba, futhi ngenxa yalokho, olunye uhlangothi luyahlulwa. Ayikho kulezi zinto ezithintiwe ebingaqeda ukufa, ubudlova, ukugula, nobubi ngokuhlala njalo. Kungenzeka ukuba uyazibuza ukuthi uyini lomzuzwana ebengiyowushintsha kusengaphambili.
“Isono. Ukufa. Isono nokufa yikho ebengiyokushintsha. Kodwa kanjani? Besilokhu sinesono nokufa. Isono nokufa kuyingxenye yokuphila kwethu kwansuku zonke. Ngakho ungakushintsha kanjani obekulokhu kukhona? Kwakuyodingeka ukuvimbe ngomzuzwana okwaqala ngawo. Ukuvukela kuka-Adamu no-Eva uhulumeni kaNkulunkulu kwabangela ukuba izinto zibe ngalendlela eziyiyo namuhla. Abahilelekile bakhetha ukwenza izinto ngendlela yabo, futhi ngaleyo ndlela siye saba nesono nokufa.
“Ngakho umzuzwana oqondile obekuyodingeka ushintshwe, yisikhathi uSathane uDeveli akhuluma ngaso amanga okuqala ngokumelene nalowo hulumeni ophelele. Ngenxa yalamanga sonke siyahlupheka ngenxa yalokho abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, abakwenza. Bona ongukuphela koMholi weqiniso kahulumeni, uNkulunkulu.”
NgoMgqibelo, ngo-August 12, 1995, u-Eric wafunda indaba yakhe emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa woFakazi BakaJehova eNorco, eCalifornia. Izilaleli zajabula kakhulu ukuzwa ngosemusha osebenzisa ngokunenzuzo ithuba esikoleni ukuze anikeze ubufakazi obushukumisa umcabango ngembangela yokuhlupheka kwesintu. Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani lapho uJehova uNkulunkulu ebhubhisa “inyoka yokuqala” futhi esusa konke ukuhlupheka uDeveli aye wakubangela!—IsAmbulo 12:9; 21:3, 4; Genesise 3:1-6.