“Ngiyabonga Ngokungisiza Ukuba Ngifunde NgoJehova!”
Lawo kwakungamazwi asuka enhliziyweni entombazane eneminyaka engu-16 yaseFlorida, e-U.S.A. Ngemva kokufunda izincwadi ezinyatheliswe oFakazi BakaJehova, yabhala:
“Angisalikhumbuli igama layo, kodwa ngiye ngafunda incwadi emayelana nokuphila kukaJesu engikholelwa ukuthi inyatheliswe yinina. Ngaphambi kokufunda leyo ncwadi, ngangicabanga ukuthi ngangazi konke okwakudingeka ngikwazi. Ngiyakholelwa kuNkulunkulu nakuJesu, ngiyathandaza ngaphambi kwesidlo sakusihlwa kanye nasebusuku, futhi ngiphila ukuphila okuhle. Kodwa ngemva kokuba ngifunde leyo ncwadi, ngaqaphela ukuthi akukuningi neze engikwaziyo nokuthi kudingeka ngiqhubeke ngifunda futhi ngiba nolwazi ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu nabanye abaseBhayibhelini.
“Kancane kancane ngishintsha ezinye zezindlela zami ukuze ngibe isikhonzi sikaNkulunkulu esingcono. Ukube angizange ngisizwe i-Watch Tower Society, ngabe ngisalokhu ngintula ulwazi ngoNkulunkulu nangezindaba eziseBhayibhelini. Ngiyabonga ngokungisiza ukuba ngifunde ngoJehova!”
Isihloko sencwadi lentombazane eyayibhekisela kuyo sithi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Kulencwadi kuye kwenziwa umzamo wokuveza zonke izenzakalo ezenzeka ekuphileni kukaJesu kwasemhlabeni okulandiswe emaVangelini amane. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela ongathola ngayo ikhophi noma ungathanda ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.