Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Sasindiswa I-phaphama! eminyakeni Ethile Edlule (November 8, 1984) I-phaphama! Yatusa Ukuba Umkhaya Ngamunye Uxoxe Futhi Njalo Uprakthize Lokho Okufanele Ukwenze Lapho Kuqubuka Umlilo. Mina Nomyeni Wami Sasithatha Lesi Seluleko. Ngo-january Kulonyaka, Kwadingeka Sisebenzise Amasu Ethu Lapho Ngiphaphama Futhi Ngithola Isitezi Esingezansi Sendlu Yethu Sisha Ubuhanguhangu. Sonke Senza Ngendlela Esasiprakthize Ngayo Futhi Saphuma Siphephile. Angikaze Ngibonge Kangaka Ngesihloko Se-phaphama!
G. E., Germany
OFakazi Kuphela Abangazange Bathathe Uhlangothi? Umagazini wenu ka-May 8, 1995 (“Akuseyona Imfihlo”) wathi: “OFakazi BakaJehova kuphela abaye balondoloza ukungathathi-hlangothi kwabo futhi benqaba ukufunda noma ukuphinde basebenzise impi.” NgeMpi Yezwe II, phakathi kwamadoda angu-11 996 enqaba ukulwa, angu-940 kuphela ayengoFakazi BakaJehova. Ngisho nami ngenqaba ukulwa ngenxa kanembeza. Igama elithi “kuphela” emazwini enu lasetshenziswa ukuba liveze umqondo oyiphutha wokuthi oFakazi BakaJehova kuphela abanamathela kulenkolelo.
P. B., United States
Siyaqaphela ukuthi abanye abantu baye benqaba ukuhileleka empini, futhi siye sakuveza lokhu ezincwadini zethu. (Bheka i-“Phaphama!” ka-September 8, 1987, ikhasi 7.) Nokho, indaba esikhuluma ngayo lapha yayibhekisela ngokuqondile ekuhlulekeni “kwamakholwa angamaKatolika nama-Orthodox” ukulondoloza ukungathathi-hlangothi eRwanda, eLiberia, emazweni aseBalkan, nakwezinye izindawo ebezinezimpi muva nje. Phakathi kwezinhlangano ezingokwenkolo, oFakazi BakaJehova kuphela abaye bathatha ukuma okungaguquki kokungathathi-hlangothi.—ED.
Imihlangano Yezibhedlela Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Imihlangano Yokuthuthukisa Ubuhlobo Phakathi Kodokotela NoFakazi BakaJehova.” (March 22, 1995) Ngiyazisa kakhulu iKomiti Yokubonisana Nezibhedlela (Hospital Liaison Committee). Ngineminyaka engu-81 ubudala, futhi ngaphuka inqulu nehlombe lapho ngingekho ekhaya. Ikomiti yendawo yafika esibhedlela emizuzwini engu-30 ngaphambi kokuba ngifike. Njengoba ngangingenamkhaya kulendawo, omunye walaba bafowethu wahlala nami phakathi nokuhlinzwa. Yeka impumuzo! Ngempela ilungiselelo le-HLC liyisibusiso esivela kuJehova.
A. W., United States
Izingozi Zokugijima Ngigijima njalo. Ngenxa yesihloko senu esithi “Jabulela Ukugijima—Kodwa Uqaphele Izingozi!” (March 22, 1995), ngiyaqiniseka ukuthi iningi lamaKristu engikanye nawo liyongibheka njengomuntu ongalinganiseli. Nginovalo futhi lokuthi abaningi bayokugwema ukugijima ngenxa yombono ophambene enawuveza. Abantu abagijimayo abekho engozini yokuhlaselwa isifo senhliziyo njengoba nisho. Futhi ama-endorphin enzeka ebuchosheni hhayi ezinzweni zezicubu zomzimba njengoba nisho.
C. D., United States
Kwakungeyona inhloso yethu ukugxeka ukugijima. Saziphawula izinzuzo zokuvivinya umzimba kodwa sakhuthaza abafundi ukuba balinganisele futhi bangakhandli imizimba yabo ngokweqile. Kuyodingeka ukucwaninga okwengeziwe ngaphambi kokuba kwaziwe ngokuqondile ukuthi ukugijima ibanga elide kungaba yingozi kangakanani ngokwempilo kwabanye abantu. Ngokuphathelene nama-“endorphin,” i-“New Encyclopædia Britannica” iqinisekisa ukuthi “ahleleke ngezindlela ezihlukene kuso sonke isimiso sezinzwa.” Ngokuphathelene nengozi yokuhlaselwa isifo senhliziyo, i-“Medical Post” iphawula ukuthi ukuvivinya umzimba kanzima kuyayinciphisa ingozi yokuhlaselwa isifo senhliziyo ngokungalindelekile; nokho, ithi “kunengozi enkulu kozivivinyayo phakathi nesikhathi azivivinya ngaso.”—ED.
Ukuqongelela Izitembu Ngasijabulela isihloko esithi “Ukuqongelela Izitembu—Umsebenzi Wokuzilibazisa Onehuha Futhi Ongenisa Imali Eshisiwe.” (January 8, 1995) Ngiyaqiniseka ngokuthi i-Phaphama! inaka noma yini—ngisho nezitembu zeposi imbala. Ngiqongelela izitembu njengomsebenzi wokuzilibazisa futhi ngaba nomuzwa wokuthi lesi sihloko sasifundisa ngempela. Ngiyabonga ngokusikisela kwenu okuyigugu.
R. C., Venezuela