Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 9/22 k. 32
  • Lapho Izihambi Zingeniswa Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Izihambi Zingeniswa Khona
  • I-Phaphama!—1995
I-Phaphama!—1995
g95 9/22 k. 32

Lapho Izihambi Zingeniswa Khona

Ngo-September 1994, indoda ethile yaseMichigan, e-U.S.A., yabhalela ibandla loFakazi BakaJehova eLebanon, eTennessee. Yachaza:

“Emuva ngeSonto, ngo-June 6, 1993, ngaba khona enkulumweni yenu yeningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda. Ngangiqala ngqá ukungena eHholo LoMbuso, futhi ngahlatshwa umxhwele ngempela ubuso obumomothekayo nothando oluqotho engaluboniswa. Ngephuza ukufika ngemizuzu embalwa, futhi lapho ngingena, ngahlala ngedwa. Umbhangqwana osemusha owawukulezo zihlalo wangiboleka iBhayibheli futhi kamuva ikhophi kamagazini INqabayokulinda eyayifundwa.

“Ngemva kwemihlangano abaningi benu baxoxa nami, bangixhawula, futhi benza ukuvakasha kwami kwaba okuhlangenwe nakho okujabulisa ngempela. Lapho ekugcineni ngihamba eHholo LoMbuso lenu, ngathatha izincwadi ezintathu—iBhayibheli, Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngalobo busuku ngafunda ingxenye enkulu yencwadi ethi Ungaphila Phakade, futhi ngafunda igama elisha likaNkulunkulu wami, uJehova. . . .

“Ngifisa ukunazisa nonke indlela engakwazisa ngayo ukungenisa kwenu isihambi futhi ngifisa ikakhulukazi ukuba nazi ukuthi . . . ngabhapathizwa ngo-July 9, 1994, ngiseyibhobhodlana elineminyaka engu-70.”

Uma ungathanda ukwamukelwa ngokufudumele yilabo abajabulela ukukhonza uNkulunkulu, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5. Bayokuxhumanisa neHholo LoMbuso elingakini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela