Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 8/8 k. 7
  • Ukunikeza UMdali Udumo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunikeza UMdali Udumo
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukungakholwa Kwanamuhla—Ingabe Ukufuna Kufanele Kuqhubeke?
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
  • Isayensi, Inkolo, Nokufuna Iqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Lokho Esikufunda Emvelweni
    I-Phaphama!—2010
  • Ukwakha Ukholo KuMdali Wesintu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 8/8 k. 7

Ukunikeza UMdali Udumo

“IZIMBALI ezobuhle, futhi izithelo ezokudliwa. Kodwa izithelo eziningi zinhle. UBaba wethu wasezulwini uyathanda ukwenza ubuhle buhambisane nokuthile okuwusizo.” Lengcaphuno ayiveli encwadini engokwenkolo. Ivela encwadini yesayensi enesihloko esithi The Child’s Book of Nature. Njengoba yabhalwa ngo-1887, umlobi wayo, uWorthington Hooker, M.D., wayehlose ukuba lencwadi isetshenziswe emikhayeni nasezikoleni ekufundiseni izingane.

Indlela ebhalwe ngayo lencwadi inikeza ubufakazi bokuthi umlobi wayekholelwa kuMdali futhi emesaba. UDkt. Hooker uyaqhubeka ebhala: “Likhulu izinga lobumnandi bezithelo ezinhlobonhlobo emhlabeni, njengoba uzobona uma uzocabanga ngezithelo eziningi ngangokunokwenzeka. Yeka ukuthi lokhu kuwubufakazi obubabazeka kangakanani bobuhle bukaNkulunkulu! Akasithokozisi nje ngezinto ezimbalwa, kodwa ngeziningi. Izinto ezimnandi zalomhlaba cishe ziyizinhlobo eziningi. Yeka ukuthi kuyinqaba kanjani ukuthi umuntu angakwazi konke lokhu, kodwa aphile usuku nosuku ngaphandle kokubonga uMenzi wakhe!”

Lapho i-Child’s Book of Nature inyatheliswa okokuqala, kwase kuyiminyaka engaba ngu-30 izinkolelo-mbono zikaDarwin zisakazwa kabanzi. Nokho, incwadi kaDkt. Hooker ibonisa ukuthi ngisho nangasekupheleni kwekhulu le-19, incwadi ethile yayingadumisa uNkulunkulu obala, kunokuba idumise ukuzivelela ngengozi, ngezimangaliso zemvelo.—Qhathanisa no-Isaya 40:26.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela