Hlala Ulungele Ikusasa Eliqhakazile
“HLALANI nikulungele,” kunxusa uJesu. (Luka 12:40) Uma senza kanjalo, lapho uKristu eza ‘enamandla nenkazimulo enkulu,’ singasabela ngenjabulo emyalweni wakhe: “Yimani niqonde futhi niphakamise amakhanda enu, ngoba ukukhululwa kwenu kuyasondela.”—Luka 21:27, 28.
Ukukhululwa okunjani? Phela, ukukhululwa okwajatshulelwa uNowa nomkhaya wakhe—yebo, ukudlula ekupheleni kwalelizwe! “Izwe liyadlula,” kubhala umphostoli uJohane, “kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.
Ezweni elisha likaJehova, izikhonzi zasemhlabeni zeNkosi, uJesu Kristu, ziyojabulela ukuphila okumi phakade. IBhayibheli lithi: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) Yeka ikusasa elimangalisayo uNkulunkulu alithembisa abantu bakhe! ‘UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo,’ kusho iZwi lakhe. ‘Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.’ Lesi isiprofetho seqiniso!—IsAmbulo 21:3, 4.
Nokho, ukuze ujabulele leli kusasa, kumelwe uthathe isinyathelo. Ukuzuza ulwazi kuyisinyathelo sokuqala esibalulekile. IBhayibheli liyachaza: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Kudingeka futhi uhlangane ndawonye njalo nabanye abafuna lolu lwazi, njengoba umphostoli anxusa: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye . . . futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Ngempela, abantu bakaJehova balubona lusondela ngokushesha usuku lokukhululelwa ezweni elisha likaNkulunkulu, ngakho baziwa ngokuhlangana kwabo ndawonye.
Ikhuluma ngomunye umhlangano enkundleni ethile yezemidlalo, i-Sunday Telegraph yaseLondon yabika: “Akukho ukuswaca ngokuvamile okutholakala kulabo abamemezela ukuthi ‘Ukuphela Kuseduze.’ Kungase kube seduze. Okwamanje wonke umuntu ubonakala ejabule ngendlela enesizotha, eqotho, yokuhlonipha uNkulunkulu kodwa enokwenama.” Khona-ke leli phepha lanezela: “Uma uhlelo lwezwe lwamanje ngempela luseqophelweni lokuwohloka, oFakazi baseTwickenham babonakala bekulungele ukumisa olusha.”
Ukuhlala ulungele kusho ukuhlala umatasa, wenza umsebenzi onjengowenziwa uNowa, owakhonza ‘njengomshumayeli wokulunga’ ezinsukwini zangaphambi kweSikhukhula. (2 Petru 2:5) Ukuhlala ulungele kusho futhi ukuhlanganyela “ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” Uyamenywa, yebo, uyanxuswa, ukuba uhlanganyele nabantu bakaJehova ‘ekulindeni nasekugcineni eduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova.’—2 Petru 3:11, 12.