Ingabe Lomdlalo Ukufanele?
“KUYE ngendlela umuntu abona ngayo izinto, iDoom iwumadubulana ogubhazelisa inhliziyo obeka imidlalo ye-computer ezingeni elisha lokuba yinkimbinkimbi kwezobuchwepheshe noma iwumcimbi wobudlova obusobala obeka imidlalo ye-computer ezingeni elisha lokuziphatha okuxekethile.” Wabhala kanjalo uPeter Lewis engosini ethi “Ama-computer Omuntu Siqu” ye-New York Times. Yiqiniso, imidlalo eminingi ye-computer iwubudlova obungafihliwe ngokuphelele, ukubulala okunonya, noma ngisho nokuboniswa isidanasi kwezithombe ezingcolile zobulili. Isenezelo samuva—iDoom II—silindeleke ukuba sithengwe kakhulu nakuba singu-$69,95 (R250,00). Ingabe loluhlobo lomdlalo luwafanele amaKristu athanda ukuthula? Incazelo eqhubekayo kaLewis ingase ikusize ukuze unqume.
“Umdlali uba iSosha Lasemkhunjini elingenazwela elikwenye yezinyanga zeMars lapho inhlekelele yasembonini ivula umhubhe oya eSihogweni. . . . LeliSosha Lasemkhunjini kudingeka lihambe ngobuhlakani emaphaseji ayinkimbinkimbi, . . . lidamane lishaya amademoni ngesibhakela nalabo ababengabantu, libadubula, libosa futhi libasaha. . . .
“Intuthuko ekuyiDoom II ingafingqwa kalula ngalendlela: Amademoni engeziwe, imihubhe esabekayo eyengeziwe ewumngcingo, izikhali ezengeziwe negazi elengeziwe.”
Iphawula ngomhlangano ophathelene nama-computer owawuseLas Vegas, eNevada, i-New York Times yathi: “Okusha kulonyaka okusobala kakhulu bekuwukuboniswa kwezithombe ezingcolile zobulili yimithombo yezokusakaza eminingana . . . Kulethe isixuku esikhulu kulomhlangano.”
Umlobi weBhayibheli uJakobe wathi: “Ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala kumsulwa, bese kuba okunokuthula, okunengqondo, okusheshayo ukulalela, okugcwele isihe nezithelo ezinhle.” (Jakobe 3:17) Bazali, ingabe niye nayihlola imidlalo ye-computer yasekhaya izingane zenu eziyidlalayo muva nje? Sikhona yini isidingo sokuba sisho okwengeziwe?