Usuku Olwashintsha Ukuphila Kwakhe
OWESIFAZANE othile osemusha wase-Arizona, e-U.S.A., uthi wayesonta kodwa wabe eseqaphela ukukhohlisa kwenkolo. Ekugcineni watshela uNkulunkulu ngomthandazo: “Angisezukuya kunoma yiliphi isonto. Ngizophila ngendlela engcono engiyaziyo, futhi ngizozama ukuba umuntu olungile.”
Lona wesifazane wachaza okwenzeka kamuva: “Umamekazi washaya ucingo ethi wayezoba sendaweni yangakithi eze emhlanganweni wosuku olukhethekile woFakazi BakaJehova. Wacela ukuba yena nabazala bami balale kwami. Futhi wabuza: ‘Ungathanda yini ukuhamba nathi?’ Ngiyakhumbula ngiphendula: ‘Ngizosalelani? Akukho okungcono engingakwenza.’ Isithakazelo sami enkolweni sasimfimfa.
“Ngangitshelwa njalo ukuba ngibaqaphele oFakazi BakaJehova. Ngakho phakathi nomhlangano, ngiyakhumbula ukuthi ngangiqaphe kakhulu. Nokho, kwakungenamfihlo ngalokho okwakushiwo ngenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni yokuba umhlaba ube ipharadesi nokuthi injongo kaNkulunkulu yayingakashintshi. Ngahlala phansi nginethezekile njengoba ngangibuka imikhaya ihlezi ndawonye futhi ibonisa umoya wobunye. Ngakhothamisa ikhanda futhi buthule ngabuza uNkulunkulu: ‘Ingabe iqiniso leli? Ingabe lokhu yilokho ebengikufuna?’
“Njengoba ngihamba ngalolosuku, ngabheka abantu bevalelisana ngokwangana nangokuqabulana okukhangayo. Ngangibona ebusweni babo ukuthi kwakungekho kungabaza ezingqondweni noma ezinhliziyweni zabo ngenkolelo yabo nangokuthi ungubani uJehova nangalokho abenzele khona. Kusukela ngalolosuku kuqhubeke, ngaqala ukuya eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova futhi angizange ngiyeke kusukela ngalesosikhathi. Emhlanganweni wosuku olukhethekile owalandela, ngo-1988, ngabonakalisa obala ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi futhi ngaba ingxenye yalomkhaya omuhle.”
Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova, siza uthintane nabo eHholo labo loMbuso lendawo, noma ubhalele ekhelini eliseduze nawe kwasekhasini 5.
[Isithombe ekhasini 32]
Imibuthano emikhulu yoFakazi BakaJehova igcwala umoya ofudumele wobudlelwane, njengoba kubonakala lapha eRussia