Jabulela Ukugijima—Kodwa Uqaphele Izingozi!
OTHILE oneminyaka engu-18 ubudala wayedinga “amabanga amade kakhulu ukuze anelise ukunxanela kwakhe ukugijima,” kubika iphephandaba laseJalimane i-Süddeutsche Zeitung. Ngo-2:00 entathakusa nango-6:00 ekuseni, wayengagijima “amakhilomitha angu-24 ngaphambi kokuba ayolala, athole ukuphumula nokwaneliseka.” Lesi akusona nakancane isimo esingavamile, njengoba ososayensi abacwaningayo emazweni ahlukahlukene besacwaninga ngabagijimi abaluthwe i-endorphin. Kungenzeka kanjani ukulutheka okunjalo?
Abacwaningi baye bathola ukuthi ngokuvivinya umzimba njalo isikhathi eside, kwakheka i-endorphin ezinzweni zezicubu. Ama-endorphin angama-opiate avela ngaphakathi abangela umuzwa wokwesasa—ngezinye izikhathi abangela ukuba abagijimi abashiseka ngokungenangqondo bajabule kakhulu. UWildor Hollmann, umongameli wenhlangano yomhlaba wonke ehlola imithi yezemidlalo uthi: “Sekuyisikhathi eside kuphikiswana ngokuthi lamakhemikhali avela kuma-morphine angabangela ukulutheka noma cha. Manje sekuqinisekisiwe.” Ngakho, ukugijima ngokweqile ibanga elide kubonakala kunengozi ehlala ikhona, futhi ngempela, nanoma yiluphi uhlobo lokuvivinya umzimba ngokweqile.
Zingase zibe khona yini ezinye izingozi zempilo ezihlobene nemidlalo yokuvivinya umzimba kakhulu? Yebo. Ungase ukhumbule indaba yesithunywa esingumGreki esagijima sisuka eMarathon siya e-Athens eminyakeni engaba ngu-2 500 edlule. Inganekwane ithi sawa safa ujuqu ngemva kokuletha e-Athens izindaba zokunqoba kwamaGreki abasePheresiya. Abacwaningi bathi lendaba iyisibonelo sama-endorphin ezicutshini. Bathi ukuvivinya umzimba kanzima isikhathi eside kungaholela ekubulaweni ukuma kwenhliziyo ngokungazelele ngoba ama-endorphin ehlisa izinga lokuzwa ubuhlungu. Ngokwesibonelo, ezimweni ezivamile izinhlungu zesifuba esinkenkethayo zibangela ukuba umgijimi ayeke ukugijima, lokho, ngokochwepheshe, ezimweni eziningi okwenza ukuba inhliziyo ivuselele ukushaya kwayo okujwayelekile. Kodwa phakathi nokuvivinya umzimba ngokweqile, ama-endorphin ehlisa izinga lokuzwa ubuhlungu, enze ukuba umgijimi angaziqondi izimpawu ezidluliselwa umzimba. Lokhu kungaba nemiphumela eyinhlekelele.
Ngakolunye uhlangothi, ukuvivinya umzimba okulinganiselwe kunempilo, futhi ama-endorphin akhiqizwa ngalezozikhathi kubonakala enomphumela omuhle. Omunye wesifazane ogijima njalo uyachaza: “Ngangivame ukusebenzisa umuthi, kodwa manje lapho ngingazizwa kahle, ngiyagijima.” Ngempela ukuhamba ngamandla noma ukugijima kungase kusize umuntu ukuba axoshe ukucindezeleka noma okungenani abhekane nakho. Ama-endorphin kubonakala enengxenye ezimweni ezinjalo. Ukuvivinya umzimba kuba ingozi kuphela lapho kwenziwa ngokweqile.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:8.