“Bekunzima Kakhulu Ukukhula Ngaphandle Kwakhe”
“NGIBHALA ngemva kokufunda incwajana ekhululwe emhlanganweni wethu wamuva ethi Lapho Ufelwa Othandekayo, ukuze ngizwakalise ukubonga okujulile okusuka enhliziyweni ngencwajana ebhalwe ngokucophelela futhi eqinisa ukholo kangaka.
“Ngineminyaka engu-18 ubudala. Ubaba wafa engozini yemoto lapho ngineminyaka eyisishiyagalombili, kodwa nakuba lokhu kwenzeka eminyakeni eyishumi edlule, ngisenesizungu kakhulu. Bekunzima kakhulu ukukhula ngaphandle kwakhe. Kunezinto eziningi kakhulu ebengithanda ukumtshela zona, ukuzihlanganyela naye, nokuzazi ngaye. Yeka indlela okududuza ngayo ukukhunjuzwa ngethemba lothando lovuko lwabafileyo esilinikezwa uJehova! Kungenza ngikhale. Ngibonga ngiyanconcoza ngokuvuselela ithemba enginalo.”—UFakazi othile osemusha wase-Austria.
Kuye kwafika inqwaba yezincwadi ezinjengalena emahhovisi e-Watchtower Society aseNew York. Njengoba isinyatheliswa ngezilimi ezingu-18, lencwajana enamakhasi angu-32 iduduza izigidi zabantu. Uma ulusizi ngenxa yokulahlekelwa othandekayo, ungangabazi ukucela ukwaziswa ngendlela ongathola ngayo ikhophi yalencwajana ngokubhalela i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.