Ukwembula Izimfihlakalo Zakho
NJENGOBA abesifazane bekhula, babhekana nokunqamuka kokuya esikhathini ekuphileni kwabo. Nokho, kuye kwaqondwa kabi kakhulu. Ngokwencwadi ethi The Silent Passage—Menopause, odokotela ababelethisayo bekhulu le-19 babekholelwa ukuthi ukunqamuka kokuya esikhathini “kuphazamisa isimiso sezinzwa sowesifazane futhi kuphuca abesifazane ukukhanga kwabo.”
Isekhona imibono enjalo eyiphutha. Ngenxa yalokho, abesifazane abaningi bayesaba futhi babe novalo lapho becabanga ngalenkathi. Encwadini ethi Natural Menopause—The Complete Guide to a Woman’s Most Misunderstood Passage, ukunqoba izinkinga ezingokwengqondo ezihambisana nayo kuye kwabhekiselwa kukho ngokuthi “omunye wemisebenzi enzima kakhulu ekuphileni kowesifazane.”
Emiphakathini egcizelela ubusha nokubukeka umusha, ukuqala kwezimpawu zokunqamuka kokuya esikhathini kungase kubangele umbono oyiphutha: ukuphela kobusha ngokuphazima kweso nokuqala kokuguga. Ngakho, abanye besifazane besaba ukunqamuka kokuya esikhathini ngoba kubonakala kumelela ukuqala kwenkathi yokuphila entsha, nengajabulisi. Abanye baze bakubheke “njengokufa okuncane.”
Abesifazane banamuhla akudingekile ukuba bangabi nalwazi njengoba bedlula kulenkathi yokuphila. Izimfihlakalo zokunqamuka kokuya esikhathini ziyembulwa. Kwenziwa ukucwaninga okwengeziwe, futhi kusungulwa izindlela zokwelapha zokwenza lolushintsho lube lula. Omagazini, amaphephandaba, nezincwadi zigxila kulendaba, zinikeza izincazelo zemibuzo abanye ababenamahloni ukuyibuza. Umkhakha wezokwelapha nawo unolwazi olwengeziwe ngezinkinga abesifazane abangase bahlangabezane nazo.
Kungani kugxilwa kangaka kulendaba? Ngoba ukukuqonda kangcono ukunqamuka kokuya esikhathini kungaqeda ukwesaba, izinkolelo-ze, nokukhungatheka abesifazane abaningi abanakho. Abesifazane emazweni amaningi baphila isikhathi esithé ukuba side, futhi bafuna ukuqeda lokho okuye kwabonakala kuwukugodla ukwaziswa ngamabomu ngalendaba futhi bakhanyiselwe. Bafuna izimpendulo ezilula nezishaya emhloleni. Lokhu kufanelekile, njengoba abaningi babo benesikhathi esingaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu sokuphila kwabo okufanele basiphile ngemva kokunqamuka kokuya esikhathini.
Izibalo zomphakathi e-United States zibikezela ukwanda ngamaphesenti angu-50 kwenani labesifazane abakulenkathi phakathi neminyaka eyishumi ezayo. Abesifazane abanjalo bafisa ukwazi ngezingozi zempilo, ukuzwela ukushisa (okubizwa nangokuthi isifuthefuthe), ukuguquguquka kwemizwa ngokungazelele, ukungaphatheki kahle, nezinguquko ezingokomzimba nezingokomzwelo. Kungani lezizinto zenzeka? Ingabe ukuphila kowesifazane okuzuzisayo kuphelela ekunqamukeni kokuya esikhathini? Ingabe lenkathi iyabuguqula ubuntu bowesifazane? Izihloko ezilandelayo zizohlola lemibuzo.