Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 2/8 k. 14
  • AmaKristu Ahlanganyela Izinto Ngomusa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AmaKristu Ahlanganyela Izinto Ngomusa
  • I-Phaphama!—1995
I-Phaphama!—1995
g95 2/8 k. 14

AmaKristu Ahlanganyela Izinto Ngomusa

IGAMA lesiGreki elisho “umnikelo” (koi·no·niʹa) lingase libhekwe ngokwezwi nezwi njengelisho “ukuhlanganyela izinto.” Leligama elifanayo lesiGreki liyasetshenziswa kumaHeberu 13:16: “Maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana [“nokuhlanganyela izinto nabanye,” NW], ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.”

AmaJuda namaproselithe amaningi akwezinye izindawo ayebe amaKristu phakathi nesikhathi sePentekoste, ngo-33 C.E., ngokusobala asala eJerusalema okwesikhashana ukuze afunde okwengeziwe ngokholo. Ukuze bangabibikho abaswelayo, anikela ngempahla yawo ngokuzithandela; ‘akuhlanganyela konke.’ (IzEnzo 4:32-37) Kamuva, ibandla laseJerusalema labela abafelokazi abampofu ukudla kwansuku zonke.—IzEnzo 6:1-3.

Kwakungaphoqelelwe ukwenziwa kweminikelo ebandleni lokuqala lobuKristu. Ekhuluma ngalendaba, uPawulu wabhala: “Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.”—2 Korinte 9:7.

Ubukhulu bomnikelo abubona ubufakazi beqiniso bokuthi ophayo unomoya wokupha. Ngesinye isikhathi uJesu Kristu wabukela njengoba abantu babefaka imali emphongolweni wasethempelini. Abantu abacebile bafaka izinhlamvu zemali eziningi, kodwa uJesu wahlabeka umxhwele ngomoya wokupha ngenhliziyo yonke womfelokazi ompofu owafaka izinhlamvu ezimbili kuphela ezincane zenani eliphansi, ethi: “Lomfelokazi ompofu ubeké okuningi kunabo bonke. Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeké konke abephila ngakho.”—Luka 21:1-4.

Lapho kuziwa ekwenzeni iminikelo yokusiza abakholwa kanye nabo abampofu, uPawulu waphawula: “Uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.”—2 Korinte 8:12.

Nakuba engekho ongacebisa uJehova, ongumnikazi wazo zonke izinto, ukunikela kuyilungelo elinikeza umkhulekeli ithuba lokubonisa uthando lwakhe ngoJehova. (1 IziKronike 29:14-17) Iminikelo engakhishwa ngenxa yodumo noma izisusa zobugovu kodwa ngesimo sengqondo esifanele futhi ukuze kuthuthukiswe ukukhulekela kweqiniso, iletha injabulo, kanye nesibusiso sikaNkulunkulu.—IzEnzo 20:35.

Umuntu angaqikelela ukuba uhlanganyela kulenjabulo ngokubekela eceleni njalo okuthile ezintweni zakhe ezibonakalayo ukuze asekele ukukhulekela kweqiniso futhi asize abafaneleyo.—1 Korinte 16:1, 2.

UJehova ubeka isibonelo sokupha esihle kunazo zonke, ngoba uye wanikeza isintu “ukuphila nokuphefumula nakho konke,” wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ngenxa yesintu, futhi ucebisa amaKristu ngenxa yakho konke ukuphana. (IzEnzo 17:25; Johane 3:16; 2 Korinte 9:10-15) Ngempela, “izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya.”—Jakobe 1:17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela