Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 2/8 k. 32
  • Intsha Izwakalisa Ukwazisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intsha Izwakalisa Ukwazisa
  • I-Phaphama!—1995
I-Phaphama!—1995
g95 2/8 k. 32

Intsha Izwakalisa Ukwazisa

YONKE lentsha eboniswe kulesisithombe ingabafundi basesekhondari eNigeria. Encwadini eyayiya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseNigeria, yabhala: “Sithanda ukunibonga ngokusicabangela enisibonise khona thina basha ngokunyathelisa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

“Lencwadi iye yasisiza ukuba simelane nokucindezela kwezwe futhi siphikise izimfundiso ezingezona ezingokombhalo. Idingida izinto ezihlukahlukene ezikhathaza intsha, futhi iseluleko sayo sisekelwe eBhayibhelini ngaso sonke isikhathi. Ingxenye edingida ukucindezela kontanga iye yasisiza ikakhulukazi ukuba siqonde ukuhlakanipha kweBhayibheli lapho liseluleka ukuba sihambe nabahlakaniphile futhi sigweme abangane abayiziwula. Abanye abafundi esikoleni bayamangala lapho bebona indlela esibekezelelana ngayo ngothando nendlela esizimisele ngayo ukugcina umoya wobunye esibophweni sokuthula.

“Njengoba ngazo zonke izikhathi sifuna ukugcina ukuziphatha kwethu kukuhle phakathi kwesifunda nabo esikoleni, silimemezela ngentshiseko ithemba loMbuso kubo bonke abafundi abasilalelayo, kungakhathaliseki ukuthi kunalabo abangase bazame ukusithonyela endleleni embi.”

Lencwadi yaphetha ngokuthi, “Ivela entsheni engoFakazi BakaJehova yase-All Saints Secondary School, e-Aba, e-Abia State, eNigeria.”

Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa ngendlela ongathola ngayo ikhophi yethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo noma ungathanda ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela