Uyini Unembeza?
UNEMBEZA ikhono lokuzihlola bese uzahlulela, uzifakazele. Umphostoli uPawulu uchaza ukusebenza kukanembeza wakhe ngalendlela: “Unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele.”—Roma 9:1.
Umuntu uzalwa enonembeza, owenziwe waba ingxenye yakhe uNkulunkulu. Uwukuqaphela kwangaphakathi noma umuzwa wokuhle nokubi ovuna umuntu noma ummangalele. Ngakho, unembeza uyahlulela. Futhi ungaqeqeshwa ngemicabango nangezenzo, izinkolelo nemithetho engena engqondweni yomuntu ngokutadisha nangokuhlangenwe nakho. Njengoba uncike kulezizinto, uziqhathanisa nenkambo ethathwayo noma ecatshangelwayo. Khona-ke ukhipha isixwayiso lapho imithetho nenkambo kushayisana, ngaphandle uma unembeza “ushile,” wenziwa waba buthuntu ngokweqiwa ngokuqhubekayo kwezixwayiso zawo. Unembeza ungaba isivikelo sokuziphatha, ngoba unikeza injabulo futhi uzwisa ubuhlungu ngenxa yokuziphatha komuntu siqu okuhle nokubi.
Kusukela ekuqaleni, umuntu ubenonembeza. U-Adamu no-Eva bakubonisa lokhu ngokushesha lapho bephula umthetho kaNkulunkulu futhi bezifihla. (Genesise 3:7) KweyabaseRoma 2:14, 15 siyafunda: “Ngokuba nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo, babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana.”
Kanjalo kungabonakala ukuthi ngisho nabangewona amaKristu basenawo unembeza. Lokhu kungenxa yokuthi sonke isintu sazalwa u-Adamu no-Eva, ababenonembeza ngokwemvelo. Imithetho eminingi yezizwe iyavumelana nonembeza womKristu, kodwa kungenzeka izizwe nabenzi-mthetho abanjalo abazange nakancane bathonywe ubuKristu. Lemithetho yayivumelana nokuhola konembeza babo siqu. Bonke abantu banonembeza, okuyiwona okhangwa inkambo yokuphila nokushumayela kwamaKristu.—2 Korinte 4:2.
Unembeza kumelwe ukhanyiselwe; uma kungenjalo, ungadukisa. Uyisiqondiso esiyingozi uma ungaqeqeshiwe ngezindinganiso ezifanele, ngokuvumelana neqiniso. Ukuthuthuka kwawo kungathonywa ngokungafanele indawo ezungezile, amasiko, ukukhulekela, nemikhuba. Ungase wahlulele izinto njengezinhle noma ezimbi usebenzisa lezizindinganiso noma izimiso ezingalungile. Isibonelo salokhu siboniswe kuJohane 16:2, lapho uJesu abikezela khona ukuthi abantu babeyobulala ngisho nezinceku zikaNkulunkulu, becabanga ukuthi bayamkhonza.
Eqinisweni, uSawulu (kamuva owaba umphostoli uPawulu) wayenenjongo yokubulala abafundi bakaKristu, ekholelwa ukuthi wayekhonza uNkulunkulu ngentshiseko. (IzEnzo 9:1) AmaJuda adukiswa ngempela ukuba alwe noNkulunkulu ngenxa yokuntula ukwazisa iZwi likaNkulunkulu. (Roma 10:2, 3) Unembeza oqeqeshwe ngendlela efanele ngeZwi likaNkulunkulu kuphela ongakwazi ukunquma izindaba zokuphila ngokufanele futhi uzilungise kahle. (2 Thimothewu 3:16; Heberu 4:12) UmKristu kumelwe abe nendinganiso engashintshi, efanele—indinganiso kaNkulunkulu.