“Ukulungisa Izinto Zesikhathi Esedlule”
“Siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje.” Lokho kwakuyiqiniso ngesikhathi kulotshwa lamazwi eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, futhi kuseyiqiniso nanamuhla. Kodwa ungalungiswa yini umlando, nakho konke ukuhlupheka kwesintu okuhambisana nawo?
INCWAJANA engangomagazini enombala ophelele enamakhasi angu-32 enesihloko esithi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? idingida yona kanye lendaba. Ithi: ‘UNkulunkulu uyosinxephezela ngokuhlupheka okungenzeka siye sakukhuthazelela kulelizwe. Ngesihawu esikhulu uNkulunkulu uyokwenza okungaphezu kokusibuyisela ngenxa yobubi besikhathi esedlule obenziwa kithi.’
Lencwajana ihlanganisa ubufakazi obugculisayo bokuthi kunekusasa elikhazimulayo ngaphambi kwethu. Ngemva kokufunda lencwajana engangomagazini, umuntu othile waseCanada oneminyaka engu-20 ubudala wabhala: “Ngiyehluleka ukuchaza ngamagama indlela lencwajana eyangithinta ngayo inhliziyo! Iyigugu ngempela. Isikhumbuza ngethemba elimangalisayo uNkulunkulu asigcinele lona. Nginomuzwa wokuthi ingxenye ethi ‘Ukulungisa Izinto Zesikhathi Esedlule’ yabhalwa ngothando. Siyabonga ngokusikhumbuza ukuthi uJehova usithanda kakhulu kangakanani.”
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa ngendlela ongayithola ngayo ikhophi yalencwajana engangomagazini noma ungathanda ukuba othile afike kwakho ukuze nixoxe ngalendaba, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.